Ezintsha

UseseTunisia ‘okhathalile ukulinda iChiefs’

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala usevumelene ngenkontileka yeminyaka emithathu nalezi zinkunzi zaseTunisia. 

Ukufudukela kukaMokwana kwi-Esperance kuphawula igxathu elibalulekile emsebenzini wakhe, njengoba eqale ukudlala ezingeni eliphezulu eminyakeni emibili edlule.

Kumasizini amabili ekwiSekhukhune United, udlale imidlalo engu-65, washaya amagoli ayisithupha kanti ubesengomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu. 

Kuke kwavela ukuthi kunamaqembu akuleli amhalelayo okubalwa kuwo neKaizer Chiefs.

Nokho okwabekwa yiChiefs kwakhalisa futhi ngokwemithombo, iSekhukhune yayitshela iChiefs ukuthi ibuye nokungcono.

Kuthiwa naye uMokwana ubefisa sengathi kungagcina kuyileli qembu laseNaturena elinqoba umbango wokumsayina.

Kodwa ngokubika kweFARPost ngeSonto, kugcine kuyi- Esperance ebeka into ebhekile etafuleni, kwaphoqeleka ukuthi iSekhukhune imdedele. 

Lo mdlali wasesiswini kulindeleke ukuthi ahlolwe udokotela uma efika eTunisia ngaphambi kokuthi ajoyine ngokusemthethweni. 

Lokhu kujoyina kwakhe i-Esperance kusho ukuthi uzobe edlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. 

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uzobe emqaphe ngeso lokhozi lo mdlali wakhe ukuthi uziza kanjani eTunisia.

UMokwana udlale okokuqala kwiBafana emdlalweni wobungani wamazwe omhlaba odlalwe ngoMashi. 

Uphinde wabonakala nasemidlalweni emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba bedlala neNigeria neZimbabwe ngenyanga edlule.