
Kuvela ezintsha ngenkontileka kaRiveiro kwiBucs
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usephenduke intandokazi yabalandeli, engokubuyisa isithunzi saleli qembu ngezindebe.
Nokho amahlebezi ngekusasa lakhe kuleli qembu asedale ukukhathazeka kubalandeli.
Inkontileka kaRiveiro izophela ngoJuni, kanti ukuqagela kuveza ukuthi angase ahambe ngenxa yokukhumbula ekhaya.
La mahlebezi agqugquzelwe wukushiya kbeliphini lakhe, uSergio Elmenara, oshiye iqembu ngoba ethi ufuna ukuba seduze nomndeni wakhe.
URiveiro ngokwakhe useke wanikezwa isikhathi sokuphumula kule sizini ukuze avakashele umndeni wakhe eSpain, okuqinise la mahlebezi angemahle ngekusasa lakhe.
Phezu kwalokhu kuqagela, iSoccer-Laduma ibika ukuthi izingxoxo zokwelula inkontileka kaRiveiro zizoqala maduze.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-49 ubudala usenqobise iPirates izindebe futhi kumanje uyifake esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ka-2024/25.
NakwiBetway Premiership ubukeka efaka inselelo eqinile kompetha abavikela le ndebe, iMamelodi Sundowns.
“Ithimba leSiyagobhoza, ngemithombo thembekile, selithole ukuthi i-Orlando Pirates ingase ilungiselele inkontileka entsha yomqeqeshi uJose Riveiro emasontweni ezayo.
“Kuvela ukutho le kilabhu, okwamanje, ayinayo inhloso yokuvumela lo mqeqeshi waseSpain ukuthi ahambe.
“Kungenzeka bethule isithembiso esisha sokwelula inkontileka yakhe maduze,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Akukacaci okwamanje ukuthi izingxoxo sezihambe ibanga elingakanani.
“Kodwa imithombo yethu iphakamise ukuthi iPirates ngeke ivumele ingxoxo nomunye wabaqeqeshi bayo abanempumelelo kanje ziqhubeke isikhathi eside.
“Maningi amathuba okuthi uRiveiro aphinde azibophezele kwenze inkontileka yesikhathi eside.”
