
UBaloyi ubona oweBucs engayikhipha iChiefs enkingeni
- Sibongiseni GUMBI
Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uBrian Baloyi wenze isitatimende esisuse umsindo ngeqembu elikhona njengamanje eNaturena.
UBaloyi, owayedume ngelikaSpiderman ngesikhathi esadlala, uthe eqenjini elikhona njengamanje akekho umgadli ongcono kunowe-Orlando Pirates olimele uZakhele Lepasa.
Lesi sitatimende usisho engxoxweni abe nayo neMetro FM kuleli sonto, lapho ekhulume khona ngezinto eziningi ezenzeka ebholeni lakuleli.
Le nkakha eneminyaka engu-50 ubudala, eyayingunozinti weBafana Bafana, inxuse Amakhosi ukuthi avele ayofongqa isigqoko kwiPirates, acele ukudayisela uLepasa.
“Kukhona umdlali kwiPirates ongadlali ngisho ukudlala, akekho umgadli kwiChiefs njengamanje ongcono kunaye… uLepasa loyo,” kusho uBaloyi.
“Ngicabanga ukuthi uZakhele Lepasa we-Orlando Pirates ungumgadli ongcono kunabo bonke abagadli iKaizer Chiefs enabo njengamanje.
“Ngicabanga ukuthi angabasiza kakhulu phambili,” kuchaza le nkakha eyake yadlala nakwiMamelodi Sundonws.
IChiefs ibuthuntu phambili njengoba ingenaye umgadli engathembela kuye ukuthi uzoyitholela amagoli.
URanga Chivaviro, okunguye okuthenjelwe kuye njengamanje, uyehluleka wushaya amagoli ngokuphindelela.
Abanye abagadli, u-Ashley Du Preez noChristian Saile nabo badonsa kanzima njengoba bengekho efomini kanti uWandile Duba akanawo amava futhi akakakwazi ukuthwala iqembu.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, udalule ukuthi umgadli oqinile noma ababili baphakathi kwezifiso zakhe ngewindi lokudayiselana ngabadlali langoJanuwari.
Baningi ke abagadli asebemataniswe neChiefs kodwa uBaloyi ukholwa wukuthi kumele ilande uLepasa kwamakhelwane.
