EzintshaKaizer Chiefs

USeluleko Mahlambi kwiKaizer Chiefs, uSukazi uyacacisa

Umengameli weTS Galaxy, uTim Sukazi usephawule ngamahlebezi amatanisa isihlabani esisafufusa uSeluleko Mahlambi nokufudukela kwiKaizer Chiefs.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala ungomunye wabadlali abavelele kwiBetway Premiership kule sizini.

Wenza kahle kakhulu kusukela ekhushulelwe eqenjini elikhulu esuka kweleDStv Diski Challenge. 

Ukukhula ngokushesha kukaSeluleko Mahlambi sekumhehele amehlo kanti kumanje kuvela ukuthi uhalelwakakhulu kwiKaizer Chiefs.

Ube nomkhankaso omuhle, futhi usedlale imidlalo engu-30 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amahlanu, waba nesandla kwamane. 

Yize ikhula intshisekelo ngaye, uSukazi, ugcizelela ukuthi ikilabhu yakhe ayizutatazeliswa yilokho ngoba inamava ezimweni ezifana nalezi.

“Senza konke okusemandleni ethu ekuzameni ukugcina abadlali bethu abasebancane begxilile noma ngabe kunentshisekelo ngabo. 

“UMahlambi yiyona nto okugxilwe kuyo manje ngaye, futhi sikwazi kahle esikwenzayo,” kusho uSukazi kwiFARPost.

Ugcizelele ukuthi iGalaxy izakhele udumo ngokuthuthukisa nokuphatha kahle ithalente eliselincane.

“Uma kukhona ikilabhu eyenza lo msebenzi kangcono, yithina. Sesikhiphe ithalente eliningi elincane…

“Futhi abanye benza kahle lapho sebekhona. Ithuba likaMahlangu nalo lizofika,” kwengeza lesi sikhulu.

Owayengumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs, uSiboniso Gaxa, usephumele obala wanxusa ukuthi isayine uSeluleko Mahlambi.