
UDa Cruz ‘ubibiyele’ esola amaphutha iChiefs ilahla amaphuzu
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, uphinde wakhomba amaphutha eqembu lakhe libambaa nePolokwane City ngoMgqibelo.
Kodwa yize iphutha elikhulu kube ngelikanozinti uBrandon Petersen, uDa Cruz akazange amkhombe ngenjumbane.
Amakhosi abebukeka ezibambe zonke izintambo ngemuva kwegoli lokuqala elishaywe uLebohang Maboe ngesiwombe sokuqala.
Kodwa-ke, babe sebevula izintuba ngesikhathi iphutha likaPetersen linikeze uGiovanni Philander igoli angasoze alikhohlwa, elisize iCity ithole iphuzu.
“Siyawakha amathuba, singawasebenzisi. Uma ungalishayi igoli, unikeza imbangi yakho ithuba lokuthi ibuye emdlalweni,” kusho yena ekhuluma ngemuva komdlalo.
“Kusukela emavikini ambalwa edlule, uma senza amaphutha, singenelwa amagoli, ngakho kumele sisebenze kanzima.
“Kulula kakhulu ukuhlaziya: ngaphambilini besingawenzi amaphutha, besingayiphi imbangi amathuba okushaya igoli.
“Kodwa manje, kusukela ngomdlalo weRichards Bay, kwalandela oweSiwelele ngempelasonto edlule, nePolokwane City namuhla, imbangi ayiwakhi amathuba, siyayipha.
“Kodwa thina senza amaphutha amakhulu bese sinikeza izimbangi zethu ithuba lokuthi zishaye amagoli.”
Umlayezo kaFernando Da Cruz ucacile: izimbangi kaziwakhi amathuba amaningi, kodwa i-Kaizer Chiefs iyaqhubeka noyivulela izintuba.
Ukufambula kukaPetersen kulapho nakho, nokho akubekwanga njengesizathu okuyiso esilimaza iqembu.
UDa Cruz ubuye wavula nekhasana elihle. Amakhosi asagcine irekhodi elihle lokungahlulwa kwiligi, ngakhoke, uthe kumele baqhubeke nokuzethemba.
“Akumele sizingabaze ngoba zikhona izinto ezinhle esizenzayo engxenyeni yethu,” kuqhuba yena.
- FUNDA NALA | IPirates icishe yabhayiziseka kwiWaves
“Kodwa asikho bukhali ebhokisini — kwelethu nakwelembangi.
“Kodwa zikhona nezinto ezinhle esizenzile, ngakho kumele siqhubeke nokuzithemba ngoba sisendleleni efanele.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
