Betway PremEzintsha

UHunt ubalisa ngokulimala komqoka ebheke kwiPirates neChiefs

Umqeqeshi weStellenbosch FC, u-Gavin Hunt, ubalise ngokulinyalelwa, wathi kuzophazamisa izinhlelo zakhe njengoba ebheke emidlweni enzima.

Lo mqeqeshi osenkantshubomvu ukhale kakhulu ngokulimala isikhathi kwenjini yakhe yasesiswini uTlakusani Mthethwa.

UHunt ukhulume ngemuva kokuthi uBradley Grobler eshaye igoli sekusele isikhathi esincane, elisize iStellies idlale ngokulingana ngo-1-1 neSekhukhune United. 

UGrobler ucishe igoli likaBethuel Muzeu abelishaye ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.

Lo mqeqeshi osewine izicoco zeligi ezine uthe iqembu lakhe lisashoda ngabadlali kwezinye izikhundla, yize engafuni ukusebenzisa lokho njengezaba.

U-Ashley Du Preez, osanda kubuya kwiKaizer Chiefs, unokuthinteka okuncane, kanti uMosa Lebusa akakaze adlale kusukela alimala emdlalweni wokuqala wesizini. 

UDu Preez angase abuye maduze, kanti uLebusa kulindeleke ukuthi abuye ngemuva kwekhefu lamazwe omhlaba.

Kodwa-ke, uMthethwa yena angase ahlale ngaphandle isikhathi eside, okuyinto abalise kakhulu ngayo u-Gavin Hunt.

“Kumele ahlinzwe. Ngisanda kukuthola lokho namuhla,” kusho uHunt ngemuva komdlalo wangoLwesihlanu.

“Lokho kusho ukuthi siyasod aesiswini, ikakhulukazi maphakathi nenkundla. Kuzomele sibheke ukuthi yini esingayenza lapho.

“Sinabadlali abasha ababili noma abathathu abavela enkulisa, kodwa sinemidlalo emikhulu ezayo neChiefs nePirates. 

“Sizodinga amandla nemilenze eyengeziwe. UMthethwa ubesinika ibhalansi namandla.

“Usayinwe ngenxa yalokho, nolwazi nobungcweti bakhe. Ngakho-ke lokhu kusishaye kakhulu,” kuchaza u-Gavin Hunt.

IStellies izobhekana neKruger United ngempelasonto ezayo, bese ibhekana neChiefs ngemuva kwekhefu lamazwe ngamazwe.