
Khabo Zondo: Yayingavikeka ekaNurkovic neRoyal AM
Owayengumqeqeshi weRoyal AM usephakamise ukuthi ukujabula ngokweqile ngokusayinisa umdlali onegama elikhulu kungenzeka kwaba yimbangela yempi yale kilabhu noSamir Nurkovic.
UKhabo Zondo ujoyine leli qembu elizinze eMgungundlovu ngesizini efanayo noSamir Nurkovic kodwa uthi wayengahlangene nokuqashwa kwakhe.
Empeleni uthi uhlangane nalo mgadli odabuka eSerbia ngesikhathi bethulwa emphakathini ngaphambi kokuqala kwesizini.
UNurkovic waxoshwa kuleli qembu ngemuva kwezinyanga ezintathu engazange adlale nowodwa umdlalo osemthethweni.
Wabe esefaka le kilabhu icala kwiFifa, elisola ngokumxosha ngokungafanele futhi walinqoba icala.
Ikilabhu kumanje imkweleta imali yomholo nezindleko zecala okukholakala ukuthi ilinganiselwa ku-R15 million.
Kodwa uKhabo Zondo usamile kwelokuthi ukuba iqembu lalandela imigudu efanele ngesikhathi lisayina uSamir Nurkovic, ngabe le ngxabano yagwemeka.
“Ngajoyina ikilabhu ngesikhathi esifanayo noNurkovic, kodwa akumina owamlanda,” kusho uZondo engxoxweni abe nayo neKickOff.
“Ngambona okokuqala ngesikhathi iqembu lisethula kwabezindaba.
“Lalisayine kahle impela iqembu ngoba ungumdlali onamava futhi ungumshayi magoli owaziwayo.
“Nokho sathola sekwephuze kakhulu ukuthi ulimele. Lokho kwakungagwenywa ngokuhlolwa okuphelele ngodokotela ngaphambi kokusayinwa kwakhe.
“Indlela asayineka ngayo yiyo egcine idale inkinga ngaye,” kwengeza uZondo oseke waqeqesha iTembisa Classic kanye neMamelodi Sundowns phambilini.
UKhabo Zondo uthe ukholwa ukuthi uSamir Nurkovic wayevele elimele ngesikhathi ejoyina ikilabhu, ngenxa yalokho abakwazanga ukumsebenzisa eqenjini.
“Kubukeka sengathi wafika elimele. Kubalulekile ukuhlola lezi zinto uma usayinisa abadlali, ikakhulukazi labo ababiza kakhulu.
“Into ukuthi inkontileka yayisivele isayiniwe ngesikhathi sizwa ngesimo sakhe sokulimala.”
UZondo uphinde wathi uNurkovic wayengaba nomthelela omkhulu eqenjini ukube wayengalimele.
