EzintshaOrlando Pirates

USebelebele ubachithile abebezama ukumfaka umoya wezikhova

UKamogelo Sebelebele ubengomunye wabadlali abebengalindelekile abasayinwe yiPirates ekuqaleni kwesizini. Ujoyine esuka kwiTS Galaxy.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala uhlabe umxhwele kwiRocket, lapho adlale khona imidlalo engu-97, washaya amagoli angu-10, wakha ayisithupha. 

Ijubane nekhono lakhe lokudlula kalula ezimbangini ngomjiko kusheshe kwaba nomthelela kwiPirates.

Waba nesandla ekutheni leli qembu lidle iMTN8 njengoba ashaya amagoli kuyo yomibili imilenze yowandulela owamanqamu bebhekene neMamelodi Sundowns. 

Lelo fomu yenze uSebelebele wabizelwa eqenjini lesizwe elikhulu, kodwa umfutho wakhe waphazanyiswa wukulimala edolweni ngaphambi nje kwe-Africa Cup of Nations.

Ekhuluma ochungechungeni lwePirates, iBucs Camp, uKamogelo Sebelebele uphakamise ukuthi kunabatu abebezama ukumfaka umoya wezikhova, bethi uthakathiwe. 

“Ngokusobala abantu bayakhuluma futhi ikakhulukazi njengoba bekungokokuqala ngilimala,” kusho uSebelebele. “Bathi ufika nje kwi-Orlando Pirates usuyalimala… 

“Kodwa abaqondi ukuthi ibhola liwumdlalo la kuthintwana khona. Ukulimala kuyohlale kukhona.

“Kuyamangalisa ukuba kwi-Orlando Pirates. Abantu bamatasa nawe, abanye abajabule, futhi abakuqondi konke okwenzekayo. 

“Nokho mina angithandi ukulalela abantu abakhuluma izinto ezimbi ngoba bengakuthikameza kakhulu ngezinto abazishoyo.”

USebelebele uvumile ukuthi ukungadlali bekubuhlungu kodwa wagcizelela ukuthi manje usegxile ekubuyeleni eqenjini afake isandla.

“Bekubuhlungu. Bengingalindele ukulimala masinyane kanje. Kuba buhlungu inhliziyo yami uma ngiphuthelwa yimidlalo.

“Kodwa inqobo nje uma iqembu lidlala kahle, ngiyajabula. Ngizohlezi ngibaseka abadlalayo, ngisho nalapho ngilimele.”

Lo mdlali wasophondweni – okwazi nokudlala emuva kwesokudla – useluleme futhi usebuyele eqenjini kanti usezama ukubuyela emgqigqweni omenze intandokazi kubalandeli.

Kulindeleke ukuthi abe ngomunye wabaqalayo ngesikhathi iPirates ivakashele iTshakhuma Tsha Madzivhandila eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.

La maqembu azolwela indawo emzuliswaneni olandelayo weNedbank Cup kule nkundla yodumo yaseThekwini – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.