Bafana BafanaEzintsha

UMosimane ushela umqeqeshi welaseKZN ukuzomsiza kwiBafana

Sekuvele ukuthi ithimba lika-Pitso Mosimane kwi-Bafana Bafana alikapheleli yize sekumenyezelwe uMorena Ramoreboli njengephini lakhe.

Manje sekuvele ukuthi uMosimane usafuna elinye iphini ukuze abe mabili, kanti usehlonze umqeqeshi weqembu leBetway Premiership elizinze eThekwini.

UMosimane washo ngesikhathi eqashwa ukuthi kunzima ukuthola abanye abantu abafisayo ngoba banezinkontileka emaqenjini abo.

iDiski Times isibike ukuthi omunye walab abafunwa uMosimane ngu-Arthur Zwane ocija AmaZulu FC njengamanje. 

“Umqeqeshi waMaZulu u-Arthur Zwane uhamba phambili kwabafunwa uPitso Mosimane ukuthi abe yiphini lesibili kwiBafana Bafana,” kusho lo mbiko.

Ithimba elisha elizocija iBafana ngemuva kukaHugo Broos kulindeleke libe seliphelele ngaphambi kwekhempu ezayo.

IBafana izohlangana ngasekupheleni kwale nyanga ukulungiselela imidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nation yangonyaka ozayo. 

Izobhekaa neGuinea, e-Orlando Amstel Arena ngoSepthemba 26, bese ivajashela i-Eritrea ngoSepthemba 30. 

Ngemuva kwalokho i-Bafana Bafana izobe seyilibangisa eCairo la izoyozwana khona amandla ne-Egypt njengoba kuqala inkathi entsha ngaphansi kuka-Pitso Mosimane.