
UMbappé uphawula ngeBallon d’Or — uveza akubheke kakhulu
U-Kylian Mbappé uthi akuyona into emangalisayo ukuthi abantu sebekubona kufanele anqobe i-Ballon d’Or.
Uthi lokhu kuza ikakhulukazi ngemuva kokwenza kahle kwiNdebe yoMhlaba la eqophe khona umlando.
Kodwa uyazi ukuthi udumo lomdlali oyedwa alusho lutho uma iReal Madrid iqhubeka nehlazo lokuhluleka ukunqoba izicoco.
Lo kaputeni waseFrance udle umhlanganiso weGolden Boot ngamagoli angu-10 kwiNdebe yoMhlaba yakamuva la iLes Bleus iqede endaweni yesine.
Unyuse isibalo sakhe samagoli eNdebeni yoMhlaba aba ngu-22, okumenza ube ngumshayi wamagoli ahamba phambili emlandweni walo mqhudelwano.
Njengoba eneminyaka engu-27 ubudala, u-Kylian Mbappé akakaze awudle lo mklomelo we-Ballon d’Or onikezwa umdlali ovelele emhlabeni.
“Uma udlalela iReal Madrid, ikilabhu ehamba phambili emhlabeni, abantu ngokwemvelo bakuhlanganisa nalolo hlobo lwemiklomelo,” kusho uMbappé ekhukuma nabezindaba.
“Abantu abaningi bayangimisa emgwaqweni bakhulume ngeBallon d’Or. Bakhuluma ngami njengomdlali ongayiwina.
“Ngaqopha umlando omkhulu emqhudelwaneni omkhulu kunayo yonke kwezemidlalo. Ngizwa sengathi lo ungunyaka omuhle walokho.
“Kodwa kuse kude, futhi abantu bangavotela noma ngubani abambona engcono kakhulu.”
Kusukela ajoyina iMadrid ngo-2024, uMbappé uwaqhulula ngokukhululeka amagoli. Kodwa iqembu lona alikwenzi lokho.
NgoLwesibili, leli qembu eselibe ngompetha base-Europe amahlandla angu-15 bazosingatha i-Inter Milan emdlalweni wabo wokuqala we-Ueafa Champions League kule sizini.
Abahlaziyi bathi iqembu libukeka lingenakho ukubhalansa kahle: baningi kakhulu abadlali abanegama, kodwa kuncane kakhulu ukusebenzisana.
UMbappé no-Vinícius Júnior basolwa ngokungalenzeli okwanele iqembu, ngokungafani no-Ousmane Dembélé kwiParis Saint-Germain noRaphinha kwiBarcelona.
“Kufanele sithuthuke,” uvume kanje u-Kyilian Mbappé esedlulile kweye-Ballon d’Or.
“Ngingagxila kuleyo ngxoxo engasho lutho ngithi ngishaya amagoli amaningi ukwedlula uDembélé noRaphinha, ngakho kufanele bashaye amaningi ukuze bafane nami.
“Wonke umuntu wahlukile. Ngifuna ukwenza lokhu ngobuhlakani. Nembala kufanele ngithuthuke.
“Angikuthandi nje ukuqhathaniswa. Ngenza izinto eziningi abanye abangazenzi.”
Umqeqeshi weMadrid, uJosé Mourinho uthe engakhetha ukuthi uMbappé ashaye amagoli amancane uma lokho kuzosiza iqembu lakhe liwine izicoco.
UMbappé uthe naye engakwamukela lokho — kodwa wayichitha ingxoxo uqobo lwayo.
“Ngingathatha amagoli angu-30 ahambisana nezicoco, impela,” kuqhuba yena.
“Kodwa kimina le ngxoxo imbi futhi ayina ngqondo. Ngihlale ngifuna ukushaya amagoli nokunqoba izicoco. Akudingeki ukuthi ukhethe. Ungakwenza kokubili.”
- FUNDA NALA | UKwinikwa usolwa ngesihluku
Umdlalo ophakathi kweReal Madrid ne-Inter Milan useSantiago Bernabeu ngoLwesibili kanti uzoqala ngo-9 ebusuku.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
