EzintshaMamelodi Sundowns

Uyithole kanjani uRibeiro imvume yokudlala kwelaseSpain

Lokhu kumvumela ukuthi adlale kuleli qembu lakhe elisha naphezu kombango oqhubekayo wenkontileka neMamelodi Sundowns.

ULucas Ribeiro unqamule inkontileka yakhe neSundowns ngo-1 Agasti, ecaphuna isigatshana esibizwa nge“just cause” (isizathu eziqinile) njengesizathu sakhe sokufuna ukushiya. 

Lokhu kungemuva kokusola ompetha baseNingizimu Afrika ngokumvimbela ukuthi adlulele kwiQatar SC ngokunyusa kakhulu imali yokumthenga. 

Ube esejoyina iLeonesa mahhala ngemuva kokunqamula kwakhe inkontileka, wasayina isivumelwano sonyaka ngo-31 Agasti.

Leli qembu, ngokubika kweFAR Post, lithole i-International Transfer Certificate (ITC) kwiFifa ngoLwesine.

Lokhu kwenzeke yize iSundowns neSafa bebezama ukukuvimba, bethi ayinganikwa le mvume ngoba lo mdlali usenenkontileka nayo. 

NgokukaMartin Hissel, umsizi wommeli kaRibeiro uJean-Louis Dupont, iFifa iyikhiphe ngaphansi kwemithetho yayo emisha ehambisana nesinqumo se-CJEU’s DIARRA, esibophezela ukukhishwa ngokushesha kwama-ITC.

Nakuba umbango wenkontileka yeSundowns usazolalelwa yiFifa Football Tribunal — futhi mhlawumbe neCourt of Arbitration for Sport uma lidluliswa icala — uLucas Ribeiro ukhululekile ukudlala kwiLeonesa okwamanje.

Izinyathelo zomthetho ezizolandela kungenzeka ukuthi zithathe unyaka owodwa kuya kwemibili ukuphothulwa.