EzintshaKaizer Chiefs

Usefikile uKhanyisa Mayo, usenikwe nenombolo azoyigqoka

Bese kuphele isikhashana iChiefs yamemezela ukuthi uKhanyisa Mayo, onekhono elihle uzosayina kuyo, kodwa kwabambezeleka ukufika kwakhe kuleli.

Lokhu bekungenxa yokuthi iqembu lakhe laseTunisia, iCR Belouizdad belingakamniki incwadi emvumela ukuba azodlala kuleli. 

Uyitholile ke le ncwadi ngoLwesine, wabe esebamba indiza ebheke kuleli, watheleka eNaturena ngoLwesihlanu emini.

Izithombe namavidiyo akhe ethulwa kozakwabo abasha zisuse isasasa elikhulu kubalandeli asebekubheke ngabomvu ukumbona egqoke imibala yeqembu labo. 

Njengoba engowakuleli, uMayo ngeke athathe isikhathi ukuthi adlale ngoba akadinge mvume yokusebenza.

Ukufika kwakhe kuzoshubisa umbango wezindawo kubagadli kuleli qembu likaNasreddine Nabi eliyiqale kahle isizini. 

UKhanyisa Mayo ube esenikwa inombolo eyayisetshenziswa nguyise uPatrick Mayo ngesikhathi naye esadlala kuleli qembu. 

Sekuvele ukuthi uzothatha unombolo 27 – okuyinombolo ebalulekile kuye, hhayi ngokuthi yayigqokwa uyise nje kuphela.

Kodwa le nombolo ngathi bekuvele kudaliwe ukuthi ayigqoke njengoba azalwa ngo-Agasti 27, kanti ujoyine iChiefs esanda kuhlanganisa iminyaka engu-27. 

UKhanyisa Mayo ujoyine iChiefs ngokubolekiswa yiCR Belouizdad kanti ungumdlalo ka-11 ukusayinwa Amakhosi kuleli windi lokuthengiselana ngabadlali. 

Nalu uhla lwabadlali abasayinwe yiChiefs kuze kube manje: 

  • Luke Baartman 
  • Khanyisa Mayo 
  • Asanele Velebayi
  • Paseka Mako
  • Etiosa Ighodaro 
  • Ethan Chislett
  • Thabiso Monyane
  • Nkanyiso Shinga
  • Flavio Silva
  • Siphesihle Ndlovu
  • Lebohang Maboe 

Abanye balaba badlali – okukhona kubo uNkanyiso Shinga, u-Ethan Chisslett. u-Etiosa Ighodaro noLebohang Maboe – abakalitholi ithuba lokudlala kule sizini. 

Futhi njengoba laba abadlalayo besawenza kahle umsebenzi wabo, kuzomele zakusebenzele ngokuphindiwe ukungena eqenjini eliqala imidlalo.