Ezintsha

Usale enconcoza u-Andile Mpisane kunqoba iHighlanders AM

Nngemuva kokunqoba ngo 2-0 beshaya iManzini Sea Birds eMavuso Sports Centre ngoMgqibelo ntambama, u-Andile Mpisane uveze ukuthi ngeyabo le ligi.

IHighlanders iqede ngalo mdlalo esiwombeni sokuqala ngesikhathi uMsimisi Zwane noSiyabonga Mkhonto beshaya amagoli. 

IHighlanders ibambelele kwaze kwaphela umdlalo, yaqoqa amaphuzu aphelele okokuqala kusukela iphethwe nguShauwn Mkhize.

“Sizoyiwina iligi – thula ubheke. Konke engikushoyo kuyenzeka. Sizowina umdlalo wethu olandelayo bese sigina sinqobe iligi neligi,” kusho uMpisane ngokuzethemba ngemuva komdlalo.

IHighlanders AM izobhekana ne-Amawele FC eMavuso Sports Centre emdlalweni olandelwayo — kanti uMpisane ugcizelela ukuthi uhambo olubheke esicocweni seluqalile.

Ngemuva komdlalo, uMaMkhize nezihambeli zakhe bahambe bajoyabula nezihlwele.