EzintshaNedbank Cup

Inhlese yenhlanhla iChiefs idlula kwiNedbank Cup

Amakhosi ashaye amagoli okunqoba sekubalwa amanenjana umdlalo uphele sekububukeka ubheke esikhathini esengeziwe. 

Umdlalo uphele sekunezigcawu ezimbi njengoba abadlali beStellies bebebhikishela onompempe befuna ukubadla luhlaza.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi unompempe eshintshe umqondo ngesinqumo sakhe ngegoli lesibili leChiefs. 

Igoli ebelingundabamlonyeni lishaywe ngomzuzu wokugcina wesikhathi esengeziwe.

Kubukeke sengathi unozinti weStellies phazayisiwe kade kuykhona ngaphambi kokuthi uPule Mmodi anamathisele ibhola enethini.

Umsizi kanompempe lihlabe umkhosi, kodwa ngemuva kokubonisana naye, unompempe wasishintsha isinqumo walikhomba emlotheni.

Futhi ngesikhathi iStellies iphokophela phambili kuyikhona, unozinti uSage Stephens wajoyina ukwengeza izinombolo ebhokisini.

Kodwa iChiefs ilikhiphele phambili lafica uMfundo Vilakazi eyedwa, wagijima ngokukhululeka waze wayolinamathisela enethini ukwenza kwaba ngu 3-1. 

Ukudlulela phambili kwiNedbank Cup kuyinto enkulu kwiChiefs njengoba ibheke ukuqeda indlala yezindebe yeminyaka ecela eshumini manje.