Caf Champions LeagueEzintsha

Usale ekhala nge-VAR oweStade Malien igxigxiziswa yiDowns

Umqeqeshi weStade Malien uMauril Njoya useveze ukungabaza ubuqotho bobuchwepheshe beVideo Assistant Refereeing (VAR) kwiCaf Champions League.

Lokhu kulandela ukuhlulwa kanzima kweqembu lakhe ngoLwesihlanu ebusuku. 

IMamelodi Sundowns ibhaxabule labo mpetha baseMali ngo 3-0 eLoftus Stadium.

Kodwa umqeqeshi waseMalien uphume kulo mdlalo engenelisekile ngomsebenzi wonompempe.

AmaBrazilians athathe igxathu elikhulu elibheke kowandulela owamanqamu ngenxa yamagoli kaKhuliso Mudau, Brayan Leon, no-Iqraam Rayners. 

Kodwa-ke, amabili alawo magoli aqale aphikwa, kuthiwa ashaywe umdlali esendaweni engamfanele ngaphambi kokuthi i-VAR iguqule lezo zinqumo.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uNjoya akazange akufihle ukukhungatheka kwakhe ngokubambezeleka komdlalo nengcindezi efakwa kunompempe.

“Angazi noma i-VAR isebenza kahle yini. Kubukeka sengathi ibingasebenzi kahle,” kuphawula uNjoya. 

“Kukhona engicabanga ukuthi akulungile uma abadlali beMamelodi Sundowns bezofaka ingcindezi kunompempe.”

Yize uNjoya evumile ukuthi iSundowns “ibikufanele ukunqoba”, kodwa ukholwa ukuthi ukuxina unompempe njalo obekwenziwa abadlali beSundowns kube nomthelela. 

Lo mqeqeshi ukhale ngokuthi ukumiswa njalo komdlalo kuyobhekwa i-VAR bekuphazamisa umgqogqo womdlalo.

Lo mphumela ushiya ompetha baseMali nomsebenzi omkhulu emlenzeni wesibili eBamako ngoLwesihlanu oluzayo. 

Ukuze idlulele phambili, iLes Stadiens kufanele:

  • Ishaye okungenani amagoli amathathu ngaphandle kokungenelwa yigoli ukuze kuyiwe kumaphenathi.
  • Inqobe ngamagoli amane ngaphandle kokungenelwa yigoli ukuze umdlalo uphele emizuzwini engu-90.

UNjoya ukholwa wukuthi akuphelile ngalo mdlalo futhi uthembisa “impi ehlukile” emlenzeni wesibili uma sebesekhaya. 

Ubalule ukubuya kwabadlali abaningi abalimele nabebemisiwe njengokhiye emdlalweni wesibili.

ISundowns isesimweni esihle, kodwa ukuphawula kukaNjoya sekwengeze isinongo emdlalweni womlenze wesibili. 

Kodwa ngaphambi kokuzixaka ngalowo mdlalo, AmaBrazilians azobhekana neMarumo Gallants emdlalweni weligi ngoLwesibili.