EzintshaIndebe yoMhlaba

UWright ukhala ngeyoMhlaba: “Yichilo elingakaze libonwe!”

Owayengumdlali we-England nowaduma kwi-Arsenal, u-Ian Wright, usephumele obala wagxeka indlela okuhlelwe ngayo i-World Cup ka-2026.

Le nkakha ithi lo mqhudelwano usuphenduke isigcawu sezinkinga ungakaqali kwakuqala.

Lokhu kulandela izindaba zokuthi unompempe waseSomalia, u-Omar Abdulkadir Artan, unqatshelwe ukungena e-United States.

Lokhu sekwenze waphuthelwa yithuba lokuba ngomunye wonompempe abazophatha imidlalo kulo mqhudelwano.

U-Ian Wright uthi sekuphenduke into ejwayelekile ukuzwa ngezivakashi, abadlali, izintatheli nezikhulu ezinqatshelwa ukungena ezweni elizosingatha i-World Cup.

“Njalo emahoreni ambalwa kuvela enye indaba. Abalandeli bayanqatshelwa, abadlali bayanqatshelwa, izikhulu ziyanqatshelwa, izintatheli ziyanqatshelwa.

“Manje sekungunompempe?” kusho uWright enkulumweni ayishicilele ezinkundleni zokuxhumana.

Nakuba ezwakale ehleka ngenxa yokungakholwa, uWright uthe lesi simo siyadabukisa futhi kufanele kukhulunywe ngaso.

“Empeleni akuhlekisi. Kukhona okumele kushiwo manje,” kuqhuba yena.

U-Ian Wright uphinde yagxeka amanani aphezulu amathikithi, izindawo zokulala nezokuthutha okudulayo, ethi sekubiza kakhulu kunanoma iyiphi enye i-World Cup edlule.

“Lena yintshisekelo enkulu ebholeni lomhlaba. Ingabe yile ndlela abasingathi okufanele baziphathe ngayo?”

UWright ubuze nokuthi kungani kungabonakali ukugxekwa okuningi njengoba kwenzeka ngesikhathi iQatar isingatha iNdebe yoMhlaba ngo-2022.

“Ingabe sizwa okwanele ngalokhu? I-Qatar yagxekwa kakhulu. Kungani kungashiwo lutho manje?,” kubuza yena.

Lo mhlaziyi webhola uthe uzwelana kakhulu nabalandeli base-US, abebebheke ngabomvu ukubona iNdebe yoMhlaba ibanjelwa ezweni labo.

“Ngizwela abaseMelika abebefisa kakhulu lo mqhudelwano. Kumele ukuthi bayaphoxeka ngalokho okwenzekayo.”

Njengoba izinkinga ziqhubeka nokuvela ngaphambi kokuthi umqhudelwano uqale, uWright unikeze umbono oqinile ngalesi simo.

“Lena yiNdebe yoMhlaba yesiphithiphithi. Noma yiliphi iqembu elizoyinqoba kuzomele lidlule ezinkingeni eziningi ukuze lifike lapho.”

Njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuqala kwe-World Cup, amazwi ka-Ian Wright kulindeleke ukuthi avuse inkulumompikiswano enkulu.