Ezintsha

URulani Mokwena ubhoboka ngoku‘boshwa’ kwakhe e-Algeria

Usegcine ekhobokile ‘ngokuboshwa’ kwakhe uRulani Mokwena ngemuva kwesigemegeme esimehlele e-Algeria. 

Lo mqeqeshi uke wagcinwa esikhumulweni sezindiza iHouari Boumediene ngesikhathi bekulindeleke ashiye e-Algeria aye eLibya. 

Ubesebenza kwiMC Alger e-Algeria kanti wesulile njengoba esethole umsebenzi ongcono kwi-Al Ittihad Tripoli.

Usezichithile izinsolo zokushushumbisa imali obekubikwe ukuthi ubekwe icala lakho.

Engxoxweni abe nayo neMarawa Sports Worldwide, uMokwena ucacise kahle okwenzekile kulesi sigameko esithuse abaningi.

Uthi senzeke ngemuva kokuthi efikelwe yisihe, wazama ukushintsha ozakwabo abehamba nabo ukuba bahlale esihlalweni zomntakabani endizeni abebekuyo.

URulani Mokwena uveze ukuthi kube nguye okhipha imali ukuze kukhokhelwe izihlalo esigabeni somntakabani lapho yena abezohlala khona. 

“Ngazizwe ngishaywa wunembeza ngokuthi mina ngedwa ngizohlala ezihlalweni ezintofontofo,” kusho uMokwena. 

“Sitshelwe ukuthi singakwazi ukubashintsha nabo bezohlala la bengizohlala khona.

“Lokho bekumele sikwenze ngokuyokhuluma nabalapho kudayiswa khona amathikithi ukuze sikhokhe le mali eyengeziwe efunekayo.”

Uthi babe sebethola ukuthi akuvumelekile ukukhokha ngekhadi, kodwa kumele bakhokhe ngekheshi.

Babe sebeyowukhipha, kanti yilapho ke okuzosuka khona utalatiya olukhulu.

Bathe uma sebeyokhokha, bafica ukuthi imishini ayisasebenzi, abangabe besakwazi ukuqhubeka nohlelo lokushintsha izihlalo.

Lokhu kwenze basala nemali engukheshi, nokuyiyo ke esuse lesi siphithiphithi esigcine senza ukuthi agcinwe khona esikhumulweni sezindiza.

Ngenxa yokuthi imali bese bevele beyikhiphile, futhi singasekho isikhathi sokuphinde bayoyidiphositha ebhange, babe sebengena nayo endizeni.

Nakhona lapho uRulani Mokwena uthi belingekho icala ngoba imali abebeyiphethe iningadlulile kuleyo eyisilinganiso esikalelwe.

“Umuntu wangaphandle uvumeleke ukuhamba no-5 000 Euros kuphela,” kuqhuba uMokwena. 

“Thina besihamba sibane ngakho uma ubheka ukuthi besiphethe u-20 000 Euros, umuntu ngamunye ubephethe u-5 000 Euros…

“Njengobani ke obengantshontsha imali yakhe ayisebenzele kanzima.” 

Ube eseqinisekisa nokuthi nebala manje usebheke eLibya la ethole khona ithuba elingcono. 

URulani Mokwena kulindeleke ukuthi afike eTripoli emahoreni angu-24 ezayo ukuze aqale lo msebenzi wakhe omusha.

Uzojoyinwa ngabazomlekelela abaqhamuka eNingizimu Afrika nesihlabani eseivele siphambili uThembinkosi Lorch.