EzintshaOrlando Pirates

OweMilford nokwenze angathuki iPirates imhlwitha umdlali

Umqeqeshi we-Milford FC, uXanti Pupuma, akazange abonakale emangele ngokuhamba kukaBulelani Sigomoshe ojoyine i-Orlando Pirates kuleli sonto.

Kunalokho, uPupuma uthi ubesevele elindele ukuthi lo mdlali, odume ngelika-Ace, ashiye leli qembu ngemuva kwesizini enhle abe nayo.

USigomoshe, oneminyaka engu-26, usejoyine iPirates njengomdlali wasemuva kwesokudla.

Uyovala isikhala esishiywe ukuhamba kukaDeano van Rooyen nabanye abebedlal kule ndawo noKamogelo Sebelebele ngesizini edlule.

Lo mdlali uchithe iminyaka emine kwiMilford, wadlala imidlalo engu-88 futhi washaya amagoli angu-12.

Ukulimala akuthola emdlalweni wokuhlunga la babebhekene khona neMagesi kuphazamise ukulungiselela kwakhe isizini.

Kodwa ubuyile, wakwazi ukudlala imidlalo emine yokugcina kwi-Milford ngaphambi kokuthi adlulele kwi-Orlando Pirates.

“Besivele sazi ukuthi u-Ace uzohamba. Ube nesizini enhle kakhulu ngesizini edlule. 

“Bekuyindaba yesikhathi nje,” kusho uPupuma etshela iSABC Sport ngemuva komdlalo neDurban City.

“Walimala emdlalweni weMagesi, okwadala ukuthi kubambezeleke ukuqala kwakhe ukulungiselela isizini. 

“Kwadingeka simelaphe. Bengingeke ngimvumele ahambe esalimele.”

UPupuma uthi uSigomoshe akuyena yedwa umdlali okungenzeka ashiye iMilford aye eqenjini elikhulu.

“Kukhona nabanye ebesilindele ukuthi bahambe baye emaqenjini amakhulu, ngakho sikulungele lokho. Asizukuvimba muntu.”

Kodwa lo mqeqeshi ugcizelele ukuthi izivumelwano kufanele zizuzise abadlali bakhe ngendlela efanele.

“Kodwa isicelo nesivumelwano kufanele kube kuhle kumdlali wami, futhi ngidinga ukubona ukuthi bazomnakekela umfana.”

Ukuhamba kukaSigomoshe kukhombisa indlela iStallions efuna ukukhulisa ngayo abadlali bese ibavulela amathuba emaqenjini amakhulu.

I-Orlando Pirates ithole umdlali ozoyiqinisa emuva ngakwesokudla, kanti i-Milford isivele ikulungele ukuthi nabanye abadlali bayo bangalandela uma kuvela izicelo ezifanele.