EzintshaMamelodi Sundowns

Imali ebeke iSundowns ezingeni lomhlaba – Feutumba

Ingwazi yeMamelodi Sundowns, u-Roger Feutmba, ithi amanye amakilabhu ase-Afrika naseNingizimu Afrika azodinga imali nokuhlela kahle ukuze afinyelele ezingeni lalabo mpetha bezwekazi.

ISundowns isikhule yaba ngelinye lamaqembu ase-Afrika abonakala evelela ezingeni lamazwe ngamazwe.

Ikakhulukazi ngemuva kokubamba iqhaza emiqhudelwaneni yamazwe omhlaba efana neFIFA Club World Cup neFIFA Intercontinental Cup.

UFeutmba uthi le mpumelelo ayigcini ngokuzuzisa iSundowns kuphela, kodwa iphinde ibe nomthelela ebholeni laseNingizimu Afrika.

“ISundowns ibeka ibhola laseNingizimu Afrika esiteji esikhulukusho uFeutmba kwiKickOff

“Abadlali bayo bathola ithuba lokudlala ibhola lamazwe omhlaba, okuyinto ezosiza iqembu lesizwe.”

U-Roger Feutmba uthi isithunzi iMamelodi Sundowns esisitholile sesifinyelele ezingeni lapho kungelula ukukhuluma ngebhola lase-Afrika ngaphandle kwegama layo.

“Emhlabeni wonke namuhla awukwazi ukukhuluma ngebhola lase-Afrika ungayibalanga iMamelodi Sundowns,” kuqhuba yena. 

“Kodwa-ke, ukuze ufinyelele ezingeni lokuba yiqembu noma ukuba negama elaziwa emhlabeni jikelele, udinga imali.”

Nokho, uFeutmba ugcizelele ukuthi imali iyodwa ayanele uma ikilabhu ingenawo umbono ocacile.

“Kwesinye isikhathi ungaba nemali kodwa ungabi nawo umbono ohlakaniphile,” kwengeza uFeutumba. 

“Imali engenawo umbono ngeke ikusize. Ungaba nombono, kodwa ngaphandle kwemali ngeke kusebenze. 

“Ungaba nemali, kodwa ngaphandle kombono ofanele ngeke kusebenze.”

Uthi impumelelo iza lapho imali isetshenziswa ukufeza umbono obekwe yikilabhu.

“Ukuze umbono wakho usebenze, kufanele uwusekele ngemali. 

“Yilokho kanye okwenziwa yiSundowns. Angikhulumi ngokuthengwa kwabadlali lapha.”

Ngokuka-Roger Feutmba, ukukhula kweMamelodi Sundowns akusikho nje ukusebenzisa imali emakethe yabadlali.

Kodwa kumayelana nokwakha uhlelo oluhambisana nombono wekilabhu.