
Okwenza u-Ouaddou abone lifike kahle kwiPirates ikhefu leFifa
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, akalesabi ikhefu leFIFA. Kunalokho, uthi lifike ngesikhathi esifanele eqenjini lakhe.
Ngemuva kokuthi iPirates ishaye iMarumo Gallants ngo-2-0 eRoyal Bafokeng ngeSonto, u-Ouaddou uthe abadlali bakhe bebelidinga leli khefu ukuze bavuselele amandla.
AmaBhakabhaka anqobe imidlalo emihlanu yeligi ilandelana. Asendaweni yesibili, futhi isele ngephuzu elilodwa kwiMamelodi Sundowns.
Okunye okukhangayo ngalokho wukuthi asangenelwe yigoli elilodwa kuphela emidlalweni eyisikhombisa yeligi.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iPirates ibhekene nohlelo olunzima lwemidlalo.
“Uma ngikhuluma iqiniso, sesidlale cishe njalo ezinsukwini ezintathu izinyanga ezimbili,” kusho lo mqeqeshi.
“Ngokohlelo lokulungiselela abadlali, udinga isikhathi sokuvuselela amandla. Kubaluleke kakhulu lokho.”
Lo mqeqeshi uthi ukuqhubeka nokucindezela abadlali kungagcina kubalimazile.
“Awukwazi ukuqhubeka ucindezela abadlali uze ubaphule. Sibacele okuningi — ngokomzimba nangokugxila kwabo.
“Uhlelo lomdlalo, izimbangi ezahlukene nokuzijwayeza izindlela ezihlukene zokuzilungiselela.
“Abantu abaqondi ukuthi lokho kunzima kangakanani kubadlali,” kuchaza yena.
U-Abdeslam Ouaddou ukholwa ukuthi ikhefu lizonika i-Orlando Pirates ithuba lokuphumula ngaphambi kokubuyela emsebenzini.
“Leli khefu leFifa lifike ngesikhathi esifanele ukuze bavuselele amandla omzimba,” kuqhuba yena.
“Bazophumula, bese bebuya benamandla. Angicabangi ukuthi lizophazamisa umfutho wethu. Liyadingeka.”
Leli khefu liphawula ukuphela kwalokho u-Ouaddou akubiza ngokuthi umjikelezo wokuqala, oqale ngo-24 Juni.
IPirates iwuqede inamaphuzu angu-19 emidlalweni eyisikhombisa yeligi, ingakahlulwa emidlalweni engu-11 kuyo yonke imiqhudelwano.
- FUNDA NALA | Ingwazi inzusa uDion ukuba alaxaze i-Arrows
U-Abdeslam Ouaddou useqophe irekhodi leqembu lokungahlulwa emidlalweni engu-20 yePSL, kanti ufuna i-Orlando Pirates iqhubeke nokuba “umshini wamaphuzu” uma isibuyile.
Umdlalo olandelayo omkhulu awuyona eyeligi. IPirates izobhekana neSundowns kowamanqamu kwiMTN8 ngo-10 Okthoba.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
