EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uncoma uPetersen ngomehluko okhona kwiChiefs

Lokhu kungemuva kokuthi leli qembu lingangenelwanga goli emidlalweni emihlanu kulandelana kwiBetway Premiership kuze kube manje.

Lezi ziqhwaga zaseSoweto zithole iwini yesine kule sizini ngokunqoba ngo 1-0 kwiGolden Arrows eThekwini kule mpelasonto edlule. 

UNabi uncome udonga lwakhe lwasemuba ngoshintsho olukhona eqenjini, kodwa wagqamisa indima ebalulekile kanozinti wakhe.

“Imidlalo emihlanu ngaphandle kokudedela igoli yinto enhle eqenjini,” kusho uNabi. 

“Ngihalalisela iqembu lonke, kodwa kufanele ngikhulume ngokukhethekile ngoPeterson nomqeqeshi wakhe wonozinti. 

“Ngiyawethemba umsebenzi kaPeterson futhi ngiyalazi izinga lakhe.”

IChiefs ibe ngeyesithathu ngokuba nerekhodi elibi lokungenelwa amagoli ngesizini edlule, kodwa umkhankaso omusha ukhombise ukuthuthuka okuphawulekayo. 

Leli qembu liphinde lamukela umgadli walo waseGuinea-Bissau, uFlavio Silva, ozethule ngegoli kubalandeli. 

Ungene esuka ebhentshini wafike washaya igoli abanqobe ngalo kwi-Arrows eThekwini. 

USilva uhlangane kahle nabanye abadlali angene kanye nabo okungoGastin Sirino noMfundo Vilakazi, okuyinto ekhombise ukujula kweqembu elakhiwe yiChiefs.

Ngemuva kwezigcawu, inhloli eyinhloko yokuhlwaya abadlali uTembela “Tera” Maliwa, ehambisana noqqondisi weqembu uKaizer Motaung Junior, ube nesandla ekubumbeni kabusha iqembu. 

UNabi ukholwa ukuthi ukubekezela kuzoba wukhiye njengoba abadlali abasha besaqhubeka nokwethulwa kahle eqenjini, besafuna nokuzinza kahle.

Ngokunqoba emine emidlalweni emihlanu, Amakhosi ahlezi endaweni yesibili kwilogi, ayalingana ngamaphuzu neqembu eliqhwakele iSekhukhune United.

Nokho iSekhukhune iphezulu ngenxa yomehluko wamagoli njengoba yona seyishaye amaningi nje.