
Iqopha umlando iMarumo Gallants ngomqeqeshi omusha
Njengoba iLisenethini beyibikile ngoLwesithathu, iMarumo Gallants isikuqinisekisile ngokusemthethweni ukuqokwa kukaLafitte Alexandre.
U-Alexandre ujoyina leli qembu elizinze eBloemfontein njengomqeqeshi walo omusha.
Uzovala isikhala esisale singenamuntu kulandela uukushiya kuka-Abdeslam Ouaddou ngasekuqaleni kwale nyanga.
U-Ouaddou usevele wethulwe kwi-Orlando Pirates lapho ezovala khona isikhala sikaJose Roveiro njengomqeqeshi oyinhloko ngaphambi kwesizini entsha.
U-Alexandre, oneminyaka engu-28 ubudala, uzoba umqeqeshi omncane kunabo bonke emlandweni weBetway Premiership.
Kodwa uza ethwelwe ngeqoma futhi ephethe neCV ethembisayo kulandela ukwenza kwakhe kahle eFrance nase-Ivory Coast.
Muva nje ubecija iStade d’Abidjan, lapho ebe sematheni khona ngesizini yakhe yokuqala.
U-Alexandre uhole leli qembu walinqobisa isicoco seLigue 1 e-Ivory Coast, futhi walifaka kwiCaf Champions League ngesizini ka-2023/24.
Umengameli weMarumo Gallants u-Abram Sello wamukele lo mqeqeshi omusha, egqamisa ukubaluleka kokuhambisana kwakhe nombono weqembu.
“Umqeqeshi u-Alexandre unokuqonda okucacile ngendlela esiyithathayo njengeqembu,” kusho uSello.
“Usijoyina ngaphambi kokuqala kwamalugiselelo esizini ebalulekile ekuqhubekeni nasekuqondaniseni nezinjongo zethu.”
Lo somaqhinga waseFrance kulindeleke ukuthi afike eNingizimu Afrika emasontweni amabili ezayo.
IMarumo Gallants iqinisekise ukuthi ibuyela ejimini ukulungiselela isizini entsha ngoJulayi 1.
Umsebenzi ka-Alexandre wokuqala kuzoba ukusimamisa isikwati, ukulungiselela ukubuya ngamandla nokwakhela phezu komfutho oshiywe u-Ouaddou.
Ukuqasha lo mqeqeshi osemncane kukhomba isahluko esisha futhi esinesibindi seMarumo Gallants.
Embikweni wethu, umthombo osipotshezele ngokuashwa kwalo mqeqeshi uthe inselelo angase abe nayo wukuthi isiNgisi ngabakhwekazi kuye.
Lokhu kusho ukuthi kuzomele aqashelwe ozomtolike;a, okungenza umlayezo afuna ukuwudlulisela kubadlali udungeke kwesinye isikhathi.
