
UMngqithi uveza uvalo analo ngomdlalo weChiefs
Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi, uthi asikho isidingo sokugqugquzela abadlali bakhe njengoba bezogadulisana neKaizer Chiefs.
I-Arrows izokwamukela Amakhosi emdlalweni weBetway Premiership ozoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo – uqala ngo-5.30 ntambama.
Iqembu likaMngqithi lizongena kulo mdlalo ligqugquzelekile kulandela ukunqoba ngo 2-1 lishaya iMagesi FC ngoLwesithathu.
“Emdlalweni weChiefs, angicabangi ukuthi kukimi ukubagqugquzela, ngokungafani nomdlalo weMagesi,” uMngqithi usho kanje kwabezindaba.
“Ngomdlalo weMagesi kufanele wenze ngokujulile futhi ubenze baqonde ukuthi umdlalo ubaluleke kangakanani.
“KwiChiefs, ugqozi lwangaphakathi luphezulu, wena okumele ukwenze wukulawula ilukuluku.
“Uma ugqozi luphezulu kunethuba eliphezulu lokwenza amaphutha nokuthi kugcine kungasalandelwa icebo lokudlala.
“Ngijabule nje ukuthi abafana sebeqala ukuqoqa amaphuzu futhi lokho kuzobenza bazethembe.”
I-Arrows ishaye iChiefs ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium ngoMashi, uNduduzo Sibiya noKnox Mutizwa bathola amagoli. UYusuf Maart uwaalela phakathi eleChiefs.
UMaart useshiye Amakhosi kanti noMutizwa waxoshwa kwi-Arrows ngoMeyi.
FUNDA NALA | UNkota uphawula ngokusheshe ajwayele eSaudi
Lokhu kuyizindaba ezinhle kwiChiefs kwazise uMutizwa ubenokhuba wokuyidumaza njalo.
Nokho i-Arrows isheshe yasivala isikhala sikaMutizwa ngengoba isayine umgadli wase-Ivory Coast, uJunior Dion, ofike wabamba umgqigqo omuhle ngokushesha.
