
I-Sars nesinyathelo esisha ngokudayiswa kweRoyal AM
ISouth African Revenue Service (Sars) icubungula isinyathelo esilandelayo nge-Royal AM.
Sekuvele ukuthi iSars icabanga ukuqeda le kilabhu yaKwaZulu-Natal ngokuthi idayise impahla yayo.
Lokhu kulandela ukuxoshwa kwaleli qembu kwiPremier Soccer League (PSL).
I-Sars ifuna ukubuyisa imali okusolwa ukuthi ilinganiselwa ku-R40 million yentela ekweletwa umnikazi wekilabhu uShauwn Mkhize.
Indali yasesidlangalaleni ibhuntshile ngenyanga edlule lapho owanikwa igunya lokuthenga le kilabhu ehluleka ukukhokha kusenesikhathi.
Ibhodi elengemalele iPSL libe selivotela ukuthi iRoyal AM inqunywe. Futhi manje, iSars isibheke ukudayisa impahla yeqembu ukuze iqoqe imali esele.
Imali etholiwe izokwabelwa nalabo abakweletwayo okukhona kubo abadlali, abaqeqeshi, nabasebenzi bekilabhu.
Lokhu kuqinisekiswe yibamba likamengameli weSouth African Football Players Union (Safpu), uTebogo Munyai kwiSunday World.
UMunyai uveze ukuthi abadlali abazange bakhokhelwe amaholo abo ngoMashi.
I-Royal AM ifake isivimbelo senkantolo, yamisa umhlangano wePSL Board of Governors.
Lo mhlangano ubuhlelelwe uLwesine ukuze kuqinisekiswe ukuhoxiswa kobulungu baleli qembu.
Nokho inkantolo iyichithile nezindleko, yavuna iPSL ukuthi iqhubeke nezinhlelo zayo.
IRoyal AM igcine ukudlala umdlalo wePSL ngoDisemba 29. Yabe seyimiswa ngemuva kokufakwa ngaphansi komqaphi weSars.
“Uma iSars iyithola imali yayo, wonke umuntu okweletwa yiqembu uzokwabelana kulokho okuzosala,” kusho uMunyai.
“Ikilabhu ayisekho. Lokho kwenza sibe nokwesaba ukuthi abadlali kungenzeka bagcine bengatholanga lutho.”
Umuntu ongaphakathi kwiRoyal AM nokho uthi uShauwn Mkhize akakaphelelwa amandla, usayilwa le ndaba enkantolo.
Kepha okwamanje ikusasa le-Royal AM libukeka lingacacile njengoba i-Sars ilungiselela ukuqhubekela phambili nokudayisa impahla yayo.
