Bafana BafanaEzintsha

Iphume ngeyenaliti iNingizimu Afrika kwiGuinea koweChan

Emdlalweni wokuqala idlale ngokulingana ngo 1-1 ne-Algeria ngoLwesihlanu olwedlule. 

Ukunqoba kwiGuinea bekubalulekile ukuze izibeke ethubeni lokuqhubekela phambili kulo mqhudelwano. 

Njengamanje isendaweni yesibili kodwa iyalingana ngamaphuzu ne-Algeria eqhwakele kuGroup C – isisalelwe yimidlalo emibili esigabeni samaqoqo. 

UNeo Maema ushaye igoli lokuqala ngemuva kwemizuzu eyishumi umdlalo uqalile, ekhombisa ubuhlakani nobukhathi eshaya ibhola ephakathi kwezitobha zeGuinea. 

Nokho ngemubva kwalokho iNingizimu Afrika ibe seyihlala emuva okuvulele iGuinea ithuba lokuhlasela. 

Lokhu kuhlasela kwayo kube nomphumela omuhle ngesikhathi uMoussa Camara eshaya elokulinganisa sekusele imizuzu eyisishiyagalombili ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.

IBafana iphume ngamandla ngesiwombe sesibili. Emizuzwini eyishumi, kuqhamuke uThabiso Kutumela wayibuyisela phambili. 

Leli goli yilo eligcine lisize iNingizimu Afrika igcine inqobile, iqoqe amaphuzu amathathu okokuqala kulo mqhudelwano. 

Emdlalweni olandelayo, izobhekana neNiger ngoLwesihlanu, bese kulandela owe-Uganda engosokhaya ngoMsombuluko ozayo.