
UCardoso ucacisa eyokushiya ngaphandle uSuarez
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usameseka umdlali wasemuva uLucas Suarez njengoba ehlelwe yifomu.
ULucas Suarez wenza iphutha elibi kakhulu bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Ngaleyo ndlela, iChiefs yabe isiwunqoba ngo 2-1 umdlalo yadlulela kowamanqamu, ishiya iSundonws ibakaza.
Ngemuva kwalelo phutha, uMiguel Cardoso umshiye ngaphandle lomdlali wasemuva odabuka e-Argentina emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weCaf Champions League.
ISundowns ibambane ngo 0-0 ne-Al Ahly kulowo mdlalo ngempelasonto eLoftus Stadium.
Umakadebona wasemuva weqembu uMosa Lebusa nguye oqale endaweni yakhe.
ULucas Suarez, obolekiswe izinyanga eziyisithupha yi-CA Talleres, uzithole ehhahanyezwa ngabalandeli ngesikhathi bezivocavoca ngaphambi komdlalo.
Kodwa uMiguel Cardoso uyagcizelela ukuthi usamethemba lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala.
“Ngikhulumile noLucas ngaphambi komdlalo, ngamtshela ukuthi ngiyamethemba ngaphezu kokwangesonto eledlule,” kusho uCardoso.
“Lamkhubaza iphutha alenza, kodwa wabonisa ubuqotho. Uqhubekile wasebenza kanzima ejimini.”
UMiguel Cardoso uncome isimo sengqondo sikaLucas Suarez sokukwazi ukuqina noma ebhekene nesimo esiyinselelo.
“Abadlali base-Argentina bangabantu abaqinile nabaqotho sidalo. Ngikholwa ukuthi uLucas uzophinde asukume,” kusho uCardoso.
Lo mqeqeshi uthe ukuvikela abadlali kusho nokubavikela ekugxekweni kanzima.
“Ngeke ngivumele noma ubani amthunaze. Uzobuyela eqenjini ngokwemvelo.”
UCardoso ugcizelele ukuthi wonke umdlali ubalulekile futhi wonke uzolithola ithuba uma sekufike isikhathi salo.
Ubalule ukuthi abanye abadlali abafana noMalibongwe Khoza, uMosa Lebusa, noTashreeq Matthews bake bashinsthwa ngenxa yokuqina nefomu.
“Uma ngithi ngiyabethemba abadlali bami, ngisho lokho,” kuqhuba uCardoso.
“Badinga nje ukungikhombisa ukuthi balilungele ithuba lapho belithola. ULucas uzophinde alithole ithuba lakhe.”
UCardoso wengeze ngokuthi akekho umdlali onendawo yakhe eqenjini lakhe. Uthe isikimu siyasetshenzelwa kuye.
