EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uveza okwenza uTLB Mbokazi abe ngokhethekile

Le nsizwa ebingumqeqeshi we-Orlando Pirates ithi uMbekezeli Mbokazi unazo zonke izimfanelo zokuthi abe ngumdlali owaziwayo emhlabeni.

Uthi akufanele kumthathe isikhathi eside ukuthola ithuba lakhe phesheya kwezilwandle.

URiveiro nguye onyusele uMbokazi eqenjini elikhulu ngesikhathi esekwiPirates, kanti ubelokhu ekholwa ukuthi unekusasa elikhulu phambi kwakhe.

Manje kuleli sonto, ekhuluma engxoxweni emsakazweni, uRiveiro uthe uMbokazi unokuziphatha, ikhono nokuzazi ukuthi engaphumelela esigabeni esikhulu kunazo zonke. 

“Unokufaneleka,” kusho uRiveiro obuyele eNingizimu Afrika njengesivakashi seCarling Black Label ngaphambi komdlalo wamanqamu weCarling Knockout. 

“Ebholeni akuphunyelelwa ngekhono lakho nje kuphela, kodwa kufanele ube namandla okukhombisa lelo khono ngaphansi kwengcindezi. 

“Kufanele ubonise ikhono lakho esigabeni esikhulu lapho wonke umuntu ekubuka khona. Uma abadlali bekhethekile yingoba banamandla okwenza lokho. 

“UMbokazi yilolo hlobo lomdlali. Unazo zonke izimfanelo zokuba ngumdlali osezingeni eliphezulu futhi ibhola likhona nasekhanda kuye. 

“Uphinde abe namandla okukhombisa ikhono lakhe ngokuzigqaja kodwa ngendlela efanele ukuze aziveze phambi kwabantu abaningi.”

Esikhathini esingatheni, uMbekezeli Mbokazi usephenduke isethenjwa eqenjini likaHugo Broos leBafana Bafana.

Akungabazeki ukuthi ungomunye wabadlali lo mqeqeshi azohamba nabo uma eseya kwiCaf Africa Cup of Nations eMorocco ngoDisemba.