
Iseyindida eyomqeqeshi olaxaze iChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usanda kuveza ukuthi kungenzeka ukuthi kusangenzeka obeyiphini lakhe, uFernando Da Cruz abuyele kuleli qembu.
Nokho iChiefs yona ngapha isezingxoxweni zokuphothula ukuhamab kukaDa Cruz futhi isikumemezele ngokusemthethweni ukuthi uyashiya.
Emasontweni amabili edlule, lo mqeqeshi odabuka eFrance wazise ikilabhu ngenhloso yakhe yokushiya kulandela ukuthola umsebenzi kwiMorocco Football Federation (FRMF).
IChiefs isamukelile isicelo sakhe sokusula futhi yamemezela ukuthi ngeke ime endleleni yakhe uma ethola ithuba elingcono kwenye indawo.
Kodwa manje iSABC Sport ibika ukuthi lo msebenzi kaDa Cruz awusacaci kahle futhi kungenzeka abuyele eNaturena.Â
Ngaleso sikhathi indlela iChiefs ebizimisele ngayo ukumkhulula, ize yehlisa inhalwulo okumele ayikhokhe uma ephula inkontileka yakhe.
Ngokokusayinwe phansi, umqeqeshi oshiya singakashayi isikhathi sokuphela kwenkontileka kumele akhokhe inhlawulo.
Le nhlawulo iyimali elingana nomholo wakhe wezinyanga ezingu-12, noma unyaka ukuze akhululwe.
Kodwa kuDa Cruz yenze isihe, ibona ukulangazelela kwakhe ukuhamba, yehlisa le nhlawulo yaba yimali yomholo wezinyanga ezintathu nje kuphela.
Izingxoxo phakathi kweChiefs nabamele uDa Cruz zisaqhubeka ukuze kuphothulwe imigomo yokuhamba kwakhe.
Ebuzwa muva nje ukuthi ngabe uzosivala yini isikhala sikaDa Cruz, uNabi uveze ukuthi yindaba engakaqedwa lena.
Lokhu kuholele ekutheni kube nokuqagela ngokuthi uDa Cruz angase abuye azoqedela inkontileka yakhe eNaturana.
Lokhu nokho bekungaba nzima njengoba kungenzeka ukuthi ukuthembana phakathi kwakhe nekilabhu sekulimele ngenxa yesifiso sakhe sokushiya kungazelelwe ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/25.
UFernando Da Cruz ube ngowokuqala kubasebenzi bethimba labaqeqeshi elisha ukufika kwiChiefs ngoJuni.
Ufike ngesikhathi uNabi esaqedela umsebenzi wakhe kwi-AS FAR yaseMorocco.
OLUNYE UDABA: Kuvela imali eshisiwe ekhokhwe yiDowns ngoSales
Njengoba ikusasa likaDa Cruz lisangaqiniseki, uNabi ukuqinisekisile ukuthi udinga ngokushesha ukuthi isikhala sephini lakhe sigcwaliswe.
