
Ujuqu wokuphumela obala ngolukaSaleng kwiPirates
Seluphinde lwathatha elinye igxathu udaba lokungabonakali kukaMonnapule Saleng kwi-Orlando Pirates.
Ngempelasonto kuvele amahlebezi okuthi lo mdlali akeneme kwiPirates futhi uke wacela ukukhululwa.
Kuthiwa njengoba bekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari, uSaleng uye kubaphathi bekilabh ngodaba lwakhe.
Ufike kubo wacela ukuba bamkhulule ukuze ayozama kwenye indawo, kodwa isicelo sakhe sanqatshwa.
Kuvela ukuthi ube esehliselwa ekutheni ayojima neqembu lenkulisa elidlala kwiDStv Diski Challenge njengesijeziso salesi senzo sakhe.
Okwenza angenami? Yimali ayiholayo okuthiwa sekukade ethenjiswa ukuthi izonyuswa kodwa kuvele kucwebe iziziba ngemuva kwalokho.
Manje sekuvele ukuthi inkulu indaba ingoSaleng kwiPirates futhi mhla yavela kubantu iyishaqisa abaningi.
Nomethuli wezibhlelo zezemidlalo emsakazweni, uRobert Marawa usekufakazele ukuthi useyitholile.
Ephendula omunye wabalandeli bakhe kwi-X, uMarawa uthe useyibekele ujuqu wamahora angu-48 iPirates ngalolu daba.
Uthe uma ingalukhipheli abalandeli bayo ngendlela efanele, yena uzobe eseyisakaza ngendlela yakhe.
“Sinalo udaba olugcwele kodwa sisanike ikilabhu amaroha angu-48 ayifanele ukuze yazise abalandeli bayo ngalolu daba.
“Uma kungenjalo, sizokwenza thina lokho,” ubhale kanje uMarawa oyisethenjwa ngokuba namehlo abukhali kuwo wonke amakilabhu kuleli.
