EzintshaMamelodi Sundowns

URibeiro ufakele iDowns amehlo kungenasidingo, noma besikhona?

Lezi zingxabano zivame ukuphathwa ngezinga elithile lenhlonipho nobungcweti obuqinisekisa ukuthi kuphuma isixazululo esenelisa zonke izinhlangothi. 

Kodwa-ke, isimemezelo sakamuva sikaLucas Ribeiro sokuthi useyinqamule inkontileka yakhe neMamelodi Sundowns, akuhlehlisele ku-Agasti 1, kubonakala kungawwulandelanga lo mgomo. 

Futhi kubeke ikilabhu esimweni esinzima nesithunaza igama layo ngokungadingekile – futhi inamandla okungcolisa igama layo.

Nakuba umdlali enalo lonke ilungelo lokufuna amathuba angcono namadlelo aluhlaza, indlela uRibeiro akhethe ukukwenza ngayo lokhu ishiya imibuzo engaphenduleki. 

Ngokwenza isitatimende esidlangalaleni ngaphambi kokuthi izingxoxo neqembu ziphothulwe ngokusemthethweni, ukhombise ukuthi usempini. 

Lokhu kushiye iSundowns iswele umgodi wokucasha futhi kwayiveza njengekilabhu engabacabangeli abadlali bayo futhi enomona. 

Esikhundleni sezingxoxo ezihloniphekile neziyimfihlo, nobekufanele kube ‘yimpi yomndeni’ seyiphenduke undabamlonyeni ezweni lonke – mhlawumbe nangaphandle. 

Isenzo esinjalo asigcini nje ngokubukela phansi igunya leqembu kodwa futhi lenza ikilabhu ibukeke ingahlelekile, noma njengoba abanye bengase basho, iyihlaya. 

Kuyasilimaza kakhulu isithunzi seqembu futhi kuphakamisa ukuntula inhlonipho ngezinqubo ezimisiwe nobudlelwano bakhe neqembu nabalandeli balo. 

Umdlali wezinga lakhe ubengaluxazulula kalula lolu daba lwakhe ngendlela enenhlonipho nekhombisa ukuvuthwa emqondweni.

Bekumele alandele inkambiso ebizogcina ubuqotho nesithunzi sakhe nesekilabhu. Khona vele beyizoputshukela kithi njengoba sihlezi sicuthise izindlebe.

Kodwa beyingeke ishiye kukhona onuka igungcu kuye noma ikilabhu njengoba sekuzokwenzeka nje manje.

Ekugcineni, izenzo zikaRibeiro kungenzeka zimtholele lokho akufisayo, kodwa nakanjani zizomshiya engcolile. Phele ngeke nijikijelane ngodaka qede ningangcoli.

Iqembu azoya kulo ukusuka kwiSundowns lizomthemba kanjani ukuthi ngeke alenze okufanayo uma sekufika elinye liveza ukumhalela? 

Isimo esisesidlangalaleni sesimemezelo sakhe siguqule ukunqanyulwa kwenkontileka okujwayelekile kwaba yimpi engeke iphele kahle. 

Phakathi kwakhe neSundowns, kukhona ozosala eyinhlekisa. Le mpi ingase yenze enye yamakilabhu amakhulu e-Afrika asale eyinhlekisa.

Okubuhlungu wukuthi lo mdlali osephendula ibhola lethu inhlekisa besimlwela kungekudala sithi akafakwe kwiBafana Bafana – ave siyihlaya ke kodwa nathi. 

Kodwa futhi kuyisifundo kwiSundowns ukuthi mhlawumbe kumele iqale manje ukubeka phambili ithalente lakuleli, inikeze abadlali bakuleli amaholo afanayo nalawo ewanika laba badlali ebalanda ngaphandle.

URibeiro ufike kwiSundowns engaziwa, kanti leli qembu limenze umdlali anguye namuhla futhi ngenxa yokuthi akakaze abe nobudlelwane bangempela naleli qembu ngaphandle komsebenzi okhokha kakhulu, ukwenzile akwenzile. 

Iyisifundo ke futhi le kubadlali ukuthi uma besayina izinkontileka, abawufune umbandela wokudayiswa uma kwenzeka enza kahle bese efunwa amanye amaqembu.