Banyana BanyanaEzintsha

Ukudideka kusala isihlabani kweleBanyana Banyana

Futhi lokhu sekuqubule imibuzo kubathandi bebhoa eNingizimu Afrika kwazise isizathu sokusala kwakhe asicaciswanga.

UThembi Kgatlana nguyena ithemba leBanyana ekushayeni amagoli futhi ukungabi bikho kwakhe kungase kuzwele kakhulu. 

Lokhu kuvezwe ngesikhathi umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis enciphisa isikwati sakhe sokuqala azoya naso kwiWafcon ezayo.

Ushiye uThembi Kgatlana ngaphandle eqenjini leBanyana Banyana, futhi waqinisekisa ukuthi ngeke abe yingxenye yeqembu eliya kwiWafcon. 

Ngokwesitatimende seSouth African Football Association (Safa), uKgatlana uzophuthelwa yilo mqhudelwano ngenxa yezizathu ezibhekene naye ngqo, ezingadalulwanga.

Omunye umdlali omqoka, uHildah Magaia, yena uzojoyina ikhempu ngokuhamba kwesikhathi njengoba esazohlolwa odokotela.

INingizimu Afrika iqhathwe kuGroup B, lapho izobhekana khona neGhana, iMali neTanzania.

Iqembu lokugcina leWafcon lizomenyezelwa ngokusemthethweni ngoJuni 23, ngokusho kwalesi sitatimende. 

Lo mqhudelwano uzoba seMorocco kusukela ngoJulayi 5 kuya ku-26 kanti iBanyana kubhekwe yenze kahle ukuze ikwazi ukungena eNdebeni yoMhlaba yeFifa. 

  1. Onozinti: Kaylin Swart, Andile Dlamini, Dineo Magagula, Casey Gordon
  2. Abasemuva: Lebohang Ramalepe, Fikile Magama, Shakira O’Malley, Gabriella Salgado, Tiisetso Makhubela, Bambanani Mbane, Karabo Dhlamini, Lonathemba Mhlongo
  3. Abasesiswini: Bongela Gamede, Sibulele Holweni, Regina Mogolola, Linda Mothlalo, Nonhlanhla Mthandi, Refiloe Jane, Amogelang Motau, Noxolo Cesane, Michelle Sampson
  4. Abagadli: Adrielle Mibe, Kgaelebane Mohlakoana, Hildah Magaia, Jermaine Seoposenwe, Nthabiseng Majiya, Bonolo Mokoma, Ronell Donnely