
Udlelwa umuzi uMhango, iqembu ‘linqwahe’ nemali yakhe
Umgadli waseMalawi, uGabadinho Mhango, uzodlelwa umuzi wakhe oseGoli ngemuva kokuhluleka ukuwukhokhela.
Lo mgadli, ozakhele igama kwi-Orlando Pirates futhi okumanje ukwiMarumo Gallants useshaywe ngamasamanisi yiNedbank.
Ibhange lifuna uGabadinho Mhango akhokhe imali yalo engaphezu kuka-R1.2 million noma adlelwe indlu, ngokombiko weSunday World.
Amaphepha asenkantolo eNkantolo eNkulu yaseGoli akhombisa ukuthi ibhange lifuna indlu idayiswe ukuze libuyise imali yalo.
Lokhu kulandela ukuthi uMhango ehlulekile ukukhokha imali yanyangazonke ngokwesivumelwano sokudayiselwa kwakhe lendlu.
I-Nedbank ifuna nenzalo yonyaka engu-12.60% futhi inikeze uGabadinho Mhango izinsuku ezingu-10 ukuthi aziphendulele.
Nokho njengoba engaphendulanga, lokhu skunike ibhange igunya lokuqhubeka ngaphandle kokuphikiswa nezinhlelo zokudayisa le ndlu.
Imithombo esondelene noGabadinho Mhango ithi unethemba lokuthi uzosikhokha isikweletu sakhe maduze.
Kuthiwa uthi ulinde imali akweletwa yona yikilabhu adlala kuyo yokusetshenziswa kwezithombe zakhe.
Usefake iMarumo Gallants enkantolo, efuna u-R828 000 ohambisana nenzalo ngokusebenzisa izithombe zakhe ezikhangisweni nasemikhankasweni yeqembu.
UMhango uthi iqembu lakhe lakudala, iSwallows, yilo elasayina inkontileka yokusebenzisa izithombe zakhe.
Manje njengoba iGallants yathenga isitifiketi seSwallows, kusho ukuthi leyo nkontileka isiwele kuyo, ngakho iyona okumele imkhokhele.
Ubalule izikhawu ezimbalwa zokusetshenziswa kwezithombe zakhe, okuhlanganisa ukukhangisa iqembu nokunye.
Yize eyifuqe ngezincwadi zomthetho ngoJanuwari nangoSepthemba ngo-2024, iGallants ayikayikhikhi le mali emkweleta yona.
UGabadinho Mhango uthi manje le mali sekumele ikhokhwe iyisamba esiphelele ngokwemibandela yenkontileka.
Ithimba lakhe labammeli limile kwelokuthi ikilabhu yephule umthetho.
Ngaleso sikhathi, lo mdlali yena ulwela ukuvikela ikusasa lakhe lezimali — futhi asindise ikhaya lakhe.
