Ezintsha

ICT Spurs isaqhubeka nempi yayo – ithatha elinye igxathu

Leli qembu eligawulwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship selifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseGoli.

Lesi sinyathelo siza ngemuva kokuthi iPremier Soccer League (PSL) neSafa bobabili bezichithile izikhalo zayo.

ICT Spurs isola iDurban City ngokuthi ayikufanele ukukhuphukela kwiBetway Premiership ngoba yenza ubutsotsi.

Isola iDurban City ngokusebenzisa umdlali obebhaliswe ngendlela engafanele, uSaziso Magawana, kule sizini.

Ngokusho kweSpurs, uMagawana ubengabhalisiwe ngendlela efane. UMagawana usayinwe yiDurban City esuka kwiMarumo Gallants.

Kodwa njengoba iGallants yadayisela iLeruma United isitifiketi sayo, iSpurs ithi incwadi yokumkhulula kwakumele ikhishwe yiLeruma, hhayi iGallants. 

Nokho iPSL isivele yalubheka lolu daba ngemuva kwesikhalo esifanayo seJDR Stars yathola ukuthi akukho phutha elenziwa yiDurban City.

Nokho iCape Town Spurs yabe isiludlulisela kumxazululi weSafa udaba ngoba ingenelisekile ngesinqumo sePSL.

Kodwa umxazululi naye uphinde wavuna i-Durban City wabe eseyalela iCT Spurs ukuthi ikhokhe izindleko.

Phezu kwalokhu, iCape Town Spurs isiludlulisele eNkantolo eNkulu yaseGoli lolu daba.

Kungenzeka icele le nkantolo ukuthi imise ukuqala kwemidlalo yokuhlunga okubhekwe iqale ngoLwesithathu kuze kube kuphothulwa udaba lwayo. 

Le mpi yomthetho ingase ibambezele izinhlelo zePSL okubalwa kuzo nokuqala kwesizini entsha.

I-Durban City, enqobe iMotsepe Foundation Championship, kulindeleke ukuthi inyukele esigabeni esiphezulu.

Kodwa iCape Town Spurs ikholwa ukuthi ukusetshenziswa kukaMagawana kube wubutsotsi.

Kusazobonakala ukuthi inkantolo izosiphendula kanjani lesi sinyathelo somthetho sakamuva.

Okwamanje, impi yokuthi ubani ofanelwe indawo kwiBetway Premiership iyaqhubeka — ngaphandle kwenkundla.

Uma kutholakala ukuthi i-Durban City yenze iphutha ngokubhaliswa kukaMagawana, kungase kusho ukuhlehliswa kokudliwa yizembe kweCape Town Spurs.