
URibeiro ucacisa eyekusasa lakhe kwiSundowns
Umgadli waseBrazil uLucas Ribeiro Costa useyinqamulile ngokusemthethweni inkontileka yakhe neMamelodi Sundowns – kusukela ngo-Agasti 1.
URibeiro wagcina ukubonakala kuleli qembu ngesikhathi lidlala kwiFifa Club World Cup, lapho ashaya khona igoli elivelele lomqhudelwano.
Ukudlala kahle kwakhe kulo mqhudelwano kukhulise igama lakhe ebholeni lomhlaba, kwamhehela amaqembu amaningi amakhulu abefisa ukumsayina.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala manje useludlulisele kwiFifa Football Tribunal udaba lwakhe nokunqamula inkontileka kwiSundowns.
Uveze ukuthi unesizathu esizwakalayo esenza ukuthi ashiye kuleli qembu laseChloorkop. Ubalule isinqumo esiyingqophamlando secala likaLassana Diarra.
“Umqashi wami olandelayo ngeke aphazamiseke yile ngxabano,” kusho uRibeiro, egcizelela ukuthi ukuzinza kwakhe nomndeni wakhe kube neqhaza elikhulu kulesi sinqumo sakhe.
Ukuphuma kulandela ukuphela kobudlelwano, lapho uRibeiro esola iSundowns ngokumvimba ukuthi athuthele kwiQatar SC la abezohola khona imali enkulu.
Uthi iSundwns isebenzise ubuqili bokuthi yenyuse intengo yakhe ukuze kube nzima kuleli qembu ukuthi limthenge.
“Isivumelwano asenzekanga ngenxa yezimfuno zabo ezingalungile,” kwengeza lo mdlali.
Naphezu kwemizamo yeqembu yokumgcina, uRibeiro — omelwe ummeli ophezulu wezemidlalo uJean-Louis Dupont — usekulungele ukulwa leli cala lakhe kwiFifa Football Tribunal.
FUNDA NALA | UBaartman uthathe inombolo yezingqwele kwiChiefs
Uthi uma kuvela isidingo, uzolidlulisela nasenkantolo exazulula amacala ezemidlalo, iCourt of Arbitration for Sport (Cas).
URibeiro usevele uqalile ukubheka izicelo zamaqembu ase-Europe njengoba ebheke isiqalo esisha.
“Ngigxile ekuqhubekiseleni phambili umsebenzi wami ngenkathi ngiqinisekisa ukuzinza komndeni wami,” kuphetha uRibeiro.
