
UJohannes uvuma ‘izintwana’ ngokumela ingcindezi yePirates
Owayengumdlali wasemuva emaqenjini ehlukene ePSL uRobyn Johannes usedalule ukuthi i-Orlando Pirates yilona qembu okwaba nzima kakhulu ukudlala kulo.
Lo mdlali oneminyaka engu-39 ubudala – osewathatha umhlalaphansi – uthi uthando lwabalandeli bePirates ludinga umdlali osebenza ngokuzikhandla kuyo yonke imidlalo.
Ekhuluma kwiPodcast kaMichael Morton, uRobyn Johannes ukhumbule isikhathi lapho bahlulwa khona emdlalweni wamanqamu yiKaizer Chiefs.
Uthi ngemuva kwalo mdlalo, abalandeli babavakashela lapho iqembu lalizilolonga khona ngakusasa bezowakalisa ukukhathazeka kwabo.
“Kunzima. Lelo yiqembu okunzima kakhulu ukulidlalela,” kusho uRobyn Johannes ngesikhathi sakhe kwi-Orlando Pirates.
“Abalandeli bePirates bafuna lukhulu kumdlali. Ngeke ngikhohlwe yilena… sadlala owamanqamu weTelkom Knockout neChiefs.
“Umdlalo wawuseFNB Stadium, sahlulwa ngo 3-0. Egolini lokuqala ngaphasa ibhola elibuyela emuva kuMoeneeb (Josephs) kodwa uyazi ke ukuthi amaphasi ami aqinile.
“Kwakusebusuku ngakho ibhola lashibilika kancane wathi uyalithinta lamphunyuka laya ngicabanga ukuthi (kuSthembiso) Ngcobo washaya igoli.
“Ngosuku olulandelayo ejimini kwafika abalandeli bephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi ‘Asisawafuni amaphasi abuyela emuva… UJohannes uyilokhu, uJohannes uyilokhuya’
“Kulapho ngabona khona ukuthi abadlali kodwa ababekwenza kungoba bayalithanda kakhulu iqembu.
“Yilokho okwenza kube nzima ukudlalela leli qembu,” kwengeza lo mdlali owake wadlala nakwiMamelodi Sundowns neCape Town City.
Uthi ingcindezi ehambisana nokugqoka ijezi lePirates inkulu futhi abalandeli bafuna izinga eliphezulu ngaso sonke isikhathi.
UJohannes ube esencoma iqembu elikhona njengamanje eligcwele abadlali abasebancane kodwa abenza kahle, wathi basheshe bayijwayela ingcindezi.
“Kuyamangaza, kodwa njalo uma wenza uphawu lweqembu lokuhlanganisa izingalo, uyayizwa ingcindezi,” kwengeza uJohannes.
“Ngakho indlela abadlala kahle ngayo – bebancane kanje. Ngibathulela isigqoko.
“Phela udinga futhi ukuba nengqondo eqinile, ungasheshi ukuzwela bese uqina ngayo yonke indlela ukuze ulunge laphaya.
“Udinga ukukwazi ukungalaleli umsindo wangaphandle kwenkundla. Ngihlale ngithi ukudlala kahle kwenzeka ngaphakathi kwemigqa emine.
“Ngakho-ke okudingekayo ukuvala umsindo bese unikela ngakho konke enkundleni,” kusho yena.
FUNDA NALA | OweChiefs uchitha eyokulwela izicoco kule sizini
URobyn Johannes udlale kwi-Orlando Pirates phakathi kuka-2011 no-2013 esuka kwiSundowns.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
