EzintshaKaizer Chiefs

UFrosler ukhuluma ngokuhlulwa kwiMTN8, ubheka ikusasa

Umdlali wasemuva we-Kaizer Chiefs, u-Reeve Frosler, uthi kusabuhlungu ukukhishwa kweqembu kwiMTN8.

Kodwa noma kunjalo, uthi sekuyisikhathi sokubheka phambili nokulungiselela imidlalo yeBetway Premiership.

Amakhosi akhishwe emzuliswaneni wokuqala kwiMTN8 ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 yiGolden Arrows eFNB Stadium. 

Igoli likaKhulekani Shezi, elidaleke ngephutha likanozinti uBrandon Petersen, liphoxe izinkumbi zabalandeli beChiefs.

Lokho kuhlulwa kuphelise amathemba eChiefs okuwina indebe yokuqala yesizini, kwashiya abadlali nabalandeli bedumele kakhulu.

U-Reeve Frosler uvumile ukuthi kunzima kwi-Kaizer Chiefs ukwamukela lo mphumela.

Kodwa uthe iqembu ngeke liqhubeke lizisole njengoba selibhekene nomunye umdlalo obalulekile.

“Ya, ukuhlulwa emdlalweni weMTN8 akubanga yinto enhle, kodwa kumele sidlule kukho,” kusho uFrosler.

Amakhosi azobuyela enkundleni ngoLwesithathu lapho ezobhekana khona neSekhukhune United emdlalweni obalulekile weBetway Premiership.

“Sinomdlalo neSekhukhune ngoLwesithathu, leli ngelinye ithuba lokuthi sizame ukuyokwenza kangcono. 

“Siphoxekile impela ngokwenzeke emdlalweni weMTN8, kodwa kumele sibheke phambili manje.

“Sesihlalile phansi njengeqembu sabonisana ngobekumele sibonisane ngakho, nokumele sikwenze kangcono ukuya phambili.

“Yilokho esizokwenza ukubheka phambili, kuqale ngalo mdlalo wangoLwesithathu. 

“Ngethemba ukuthi sizokwazi ukusebenzisalo mdlalo ukujika izinto zibuyele esimweni esifanele.”

Yize bekhishwe kwiMTN8, iChiefs iqale kahle isizini yeBetway Premiership ngokunqoba iKruger United ngo 3-1 emdlalweni wayo wokuqala. 

Iqembu likaFernando Da Cruz selizimisele ukubuyela emgqigqweni wokunqoba.

Lifuna ukufakazela ukuthi ukuhlulwa yiGolden Arrows bekuyisikhubekiso sesikhashana kuphela.

U-Reeve Frosler nozakwabo kwi-Kaizer Chiefs bazobe bebheke ukwesula abalandeli babi izinyembezi ngomphumela omuhle ngoLwesithathu.