
UBarker ubhoboka ngokushiya isigubhukane kwiStellies
Owayengumqeqeshi weStellenbosch FC, u-Steve Barker, usechaze okokuqala ukuthi kungani ashiya isigubhukane kanje kuleli qembu leBetway Premiership.
Ukuhamba kukaBarker kwamangaza abaningi njengoba ayesechithe cishe iminyaka eyisishiyagalolunye kwiStellenbosch.
Ngesikhathi sakhe, waliguqula iqembu lisuka kwiMotsepe Foundation Championship laba ngelinye lamaqembu ahlonishwayo kwiBetway Premiership.
Ngesikhathi esehamba, kwakungakacaci ukuthi yini eyamenza ashiye iqembu ayelakhe laba yimpumelelo.
Manje, ekhuluma neFARPost, uBarker useveze okwenzeka nokwaholela ekutheni agcine evele washiya wayojoyina iSimba SC yaseTanzania.
U-Steve Barker uthe wayesengene onyakeni wokugcina wenkontileka yakhe futhi wayeseqalile izingxoxo nabaphathi beStellenbosch ukuze bayivuselele.
Nokho, izingxoxo zadonsa isikhathi eside kungafinyelelwa esivumelwaneni.
“Ababaningi abantu abakwaziyo lokhu, kodwa ngangisonyakeni wokugcina wenkontileka yami.
“Ngabe sengisengike ngakhuluma nabaphathi ngokuyivuselela nokuthi siqhubekele phambili,” kusho uBarker.
“Ngeshwa izinto zathatha isikhathi eside. Kwathi kufika uDisemba ngangingakabi nayo inkontileka yesizini elandelayo.”
Ngesikhathi ikusasa lakhe lingakacaci, iSimba SC yabe seyifika izomeshela, imthembisa izinto ezinhle.
U-Steve Barker uthi isikhathi leso sipho esafika ngaso samenza wanquma ukuyoqala impilo entsha eTanzania.
Leso sinqumo sesivele simlethele impumelelo. Ezinyangeni eziyisithupha kuphela usewine iCRDB Bank Federation Cup neMuungano Cup.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi izinto zihambe ngale ndlela, kodwa kusekusekuqaleni.
- FUNDA NALA | UFrosler ubhoboka ngokuhlulwa kwiMTN8
“Senginezinyanga eziyisithupha kuphela eqenjini, futhi kusamele ngiqhubeke nokusebenza kanzima ukuze ngilethe impumelelo kwiSimba,” kusho uBarker.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
