EzintshaOrlando Pirates

URele Mofokeng uveza afisa ukukuzusa ngesizini ezayo

Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala unomuzwa wokuthi zisekhona izinto okumele azithuthukise emdlalweni wakhe ukuze abe ngumdlali ophelele.

URele Mofokeng uthi ukushaya amagoli yinto azofuna ukugxila kakhulu kuyo ngesizini ezayo.

Uthi uzosebenzela ukuthuthukisa ukukhahlelela kwakhe ipali ukuze akwenze kangcono. 

Uqokwe njengeMdlali oVelele ngesikhathi emdlalweni wokugcina weligi we-Orlando Pirates – la ibambane khona ngo 1-1 neMagesi FC.

Lo mdlalo bewuse-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku, kanti uMofokeng ubebonakala ezithokozisa kuwo, eshaya nomjiko.

IPirates iqede lo mkhankaso isendaweni yesibili okwesithathu amasizini elandelana kanti iqoqe amaphuzu angu-61.

URELE MOFOKENG UFUNA AMAGOLI AMANINGI

Lesi yisibalo esiphezulu kakhulu samaphuzu leli qembu eselake lawaqoqa phambilini, futhi liqophe nerekhodi lokunqoba imidlalo eminingi. 

IPirates inqobe imidlalo engu-19 kwengu-28 yeligi kule sizini, ilandela iMamelodi Sundowns eqobe engu-24.

URele Mofokeng ubengukhiye kwi-Orlando Pirates uma ihlasela kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano.

Ushaye amagoli angu-12, kanti amahlanu kuwo uwashaye kwiBetway Premiership, wakhela ozakwabo angu-15. 

Uthi njengoba bezoqala ukulungiselela isizini entsha, yena uzogxila ekuqiniseni ekushayeni amagoli amaningi.

“Kube yisizini ende kakhulu lena ngoba sesidlale kwiCaf Champions League, kwase kuba yiNedbank…

“Asijwayele ukudlala imidlalo eminingi kangaka,” kusho uMofokeng ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi senze kahle futhi ngesizini ezayo kufanele senze kangcono kunalokhu kwale sizini. 

“Ngicabanga ukuthi ngenze kahle kule sizini, ngakho-ke kufanele ngiqhubeke ngithuthuke futhi ngisebenzele iqembu lami ngaphezu kwalokhu.

“Indawo engingathuthuka kuyo kakhulu wukushaya amagoli ngoba iyona kuphela into eshodayo emdlalweni wami. 

“Ngiyawakha amathuba amagoli, futhi ngiphakele ozakwethu amabhola obese beshaya amagoli. 

“Kodwa ngidinga ukuqala ngishaye amagoli amaningi nami. Ngicabanga ukuthi ngizoqinisa ekuzilolongeni kulokho akhulu.”