
Isiphithiphithi ngoNasreddine Nabi sisaqhubeka, nakhu okusha
Kusaqhubeka ukuqagela ngesimo sikaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs njengoba kungacaci ukuthi kwenzakalani ngaye.
Ngesikhathi kusanokudideka ngaye, kuvele amahlebezi ammatanisa nezinkunzi zaseTanzania iSimba SC esanda kushiywa nguFadlu Davids.
Nokho sekuvele ukuthi lamahlebezi ayize. Ngesikhathi kuqhubeka lezi zinkulumo ngekhaya lakhe elishauNasreddine Nabi usalokhu eseNingizimu Afrika.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Okwamanje usanenkontileka neKaizer Chiefs, okuyiqembu elimmise ngendlela engaqondakali ngesikhathi kuqhubeka “uphenyo lwangaphakathi”.
Yisimo esishiye abalandeli, abadlali nabezindaba benwaya amakhanda, kungekho mininingwane ecacile ekhishwa yiqembu.
FUNDA NALA |Â U-Ouaddou uzolishintsha elizodlala neLioli
Indlela amiswe ngayo iyaxa kanti kuvela ukuthi kusukela lapho akavumelekile ukuxhumana nabasebenzi bethimba eliqeqeshayo kwiChiefs.
Njengoba kusolwa ukuthi imiselwe ukungabazeka kweziqu zakhe, iBelgian Football Association la azenza khona, isiqinisekise ukuthi wonke amalayisense akhe asemthethweni.
