
URele Mofokeng ukhombise izinga esiza iPirates koweCity
Uphinde wakhombisa ukuthi useyingqwele abeyiyo kule minyaka emibili edlule uRelebohile Mofokeng edlala ingcwenga yebhola esize i-Orlando Pirates inqobe ngoMgqibelo.
I-Orlando Pirates ishaye iDurban City ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, kanti uRele Mofokeng nguye owakhe igoli lokuqala.
Ushaye iphasi ecishe ifane nayishaya bebhekene neGolden Arrows emasontweni ambalwa edlule, ekhipha umgadli uqekelele.
Kulokhu ibhola ulibeke ngobuchule phambi kuka-Evidence Makgopa obe eseliamathisela enethini.
Ube nesandla nakwelesibili elishaywe uPatrick Maswanganyi ongabanga nomdlalo omuhle futhi ophume abalandeli bengaseneme ngaye ngaphambi kwaleli goli.
URele Mofokeng uqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo kanti uthe yena ujabulele ukudlala ibhola nokusiza i-Orlando Pirates.
“Ngiyazama ukuzijabulisa uma ngidlala ibhola. Ngicabanga ukuthi kuzosiqhubeke kanje,” kusho uMofokeng.
“Ngicabanga ukuthi ubegebhe kahle kakhulu, ngimbonile ngabe sengimphasela ngoba ubesendaweni engcono kunami.
“Uma eshaya igoli, kuba ngelethu sonke ngoba noma siwina, siwina siyiqembu. Ulidlale kahle leliya bhola sakwazi ukusheshe sithole igoli.”
Ngalokhu kunqoba iPirates seyiqhwakele kwilogi yeBetway Premiership okokuqala ngemuva kwesikhathi eside.
FUNDA NALA | USolomons uyikhiphe emlonyeni wengwenya iChiefs
Nokho kusangayiwa ekhefini likaDisemba seyibuyele endaweni yesibili uma iMamelodi Sundowns inganqoba emdlalweni wayo neSiwelele FC.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
