
IChicago yamthola kanjani uMbokazi? Umqeqeshi uyachaza
Umqeqeshi weChicago Fire, uGregg Berhalter, usecacise ngokuthi leli qembu limthole kanjani umdlali wasemuva weBafana Bafana, uMbekezeli Mbokazi.
Uveze ukuthi izincomo ezinhle abazithola ngalo mdlali zivela kwesinye isikhulu saseNingizimu Afrika yizo ezenza banqume ukumlanda.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala usefikile eChicago futhi usezoqala ukuzilolonga njengoba elungiselela umkhankaso wakhe wokuqala kwiMajor League Soccer.
BEBEMFUNISA OKWEMALI
Ekhuluma ngokumlandela kwabo, uBerhalter ukuqinisekisile ukuthi besekunesikhashana bemlandela uMbekezeli Mbokazi.
Uthe baqale benza ucwaningo olufanele ngaphambi kokuthi baqale izingxoxo neqembu lakhe lakudala i-Orlando Pirates.
“Kube lula nje konke,” uBerhalter ucashunwe echaza kanje kwi-iDiski Times.
“Besimlandela isikhashana. Nginomngane oengumqondisi wezemidlalo eqenjini eliphezulu eNingizimu Afrika, ngakho ngabuza kuye.
“Wangitshela ukuthi uMbokazi ungumdlali osezingeni eliphezulu.”
UBerhalter uthe ithimba lezinhloli zeChicago Fire labe selihlaziya imidlalo eminingi kaMbekezeli Mbokazi.
Babe sebesebenzisana ngqo nomdlali ukuze bathole kahle ubuyena, ikhono lakhe lebhola nokuzimisela kwakhe ukubajoyina.
UMBOKAZI WACHAZEKA E-US
“Sibuke inqwaba yemidlalo sabe sesithinta yena umdlali. Besifuna ukumqonda njengomuntu, kodwa okubaluleke kakhulu yizinga lakhe,” kwengeza lo mqeqeshi.
Isinyathelo sokugcina bekuwukuletha uMbokazi eChicago ukuze azibonele mathupha le kilabhu — okulandelwe wukuthi alijoyine.
“Wafika lapha, wabona inkundla la siziqeqeshela khona, indawo esiyakhayo, futhi wajabula ngakubona.
“Ukholwa ukuthi lesi yisinyathelo esihle emsebenzini wakhe,” kuchaza uBerhalter.
FUNDA NALA | UVelebayi akafuni ukukhuluma ngolwempi yeSpurs ngaye
UMbekezeli Mbokazi useqala isahluko esisha e-United States, kanti kulindeleke ukuthi lo mdlali osemncane wasemuva abe nomthelela ngokushesha kwi-MLS.
