
U-Itu Khune uveza okwamkhuba emoyeni, ucebisa abagxekwayo
Owayengunozinti weKaizer Chiefs neBafana Bafana u-Itumeleng Khune usekhiphe izeluleko eziqoka azibhekise kubadlali ababhekene nokugxekwa.
Ekhuluma emcimbini weNedbank Cup eThekwini muva nje, uKhune ukhumbule izimo ezinzima ake wadlula kuzo egxekwa.
Njengomdlali ovelele eNingizimu Afrika, u-Itumeleng Khune ubehlezi ebhekwe ngabomvu ngabalandeli nabezindaba.
Udlale eNdebeni yoMhlaba yeFifa yango-2010 futhi ube yisethenjwa kwiChiefs naseqenjini lesizwe isikhathi eside impela.
Kodwa lokho kwakunobubi bakho — ikakhulukazi uma iqembu lingenzanga kahle noma enze iphutha behlulwa.
U-Itumeleng Khune ukhumbule isiga esamphatha kabi esenzeka ngo-2011 ngemuva kokuthi iChiefs ihlulwe yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8.
“Ngangena kwiTwitter (manje sekungu-X) ngabona ukuthi ngiyathrenda kunombolo 1 ezweni. “Izinto ezazibhalwe ngami zazibuhlngu ngendlela exakile,” kukhumbula uKhune.
“Ngikhumbula ukuthi ngemva kwalokho usihlalo (uKaizer Motaung) weza ezokhuluma nathi, kodwa angikwazanga nokumlalela ukuthi wayethini.”
Ingcindezi yabalandeli inamandla. Futhi manje ngokwanda kokubheja kwezemidlalo u-Itumeleng Khune ukholwa ukuthi sekukubi kakhulu.
“Abalandeli bafaka lukhulu ebholeni, futhi manje sekubi nakakhulu ngoba sebeyabheja,” kwengeza uKhune.
“Bahlala bephethe iziliphu zabo zokubheja. Uma bekubona, bazozokutshela ukuthi, ‘Mina bengibhejile ukuthi iChiefs izowina kodwa wena wangidlisa.”
UKhune, oneminyaka engu-37 ubudala, weluleka abadlali ukuthi bavele baphume ezinkundleni zokuxhumana ukuze bathole ukuthula.
“Ngingeluleka abadlali ukuthi bavele baphume ezinkundleni zokuxhumana ngoba lokho kuzosiza ngokwenhlalakahle yabo,” kwenezelela yena.
“Ngenza lokho nami, ngasusa iTwitter yami iminyaka emibili. Ngabe sengibuyela ezingeni lami eliphezulu lokudlala.
“Sawina izindebe, ngabe sengibuyeka ke khona.
Uthi kwamsiza nokuthi iChiefs yayibatholela ukufundiswa ngokuziphatha ezinkundleni zokiuxhumana.
“Kubaluleke kakhulu ukuthi abadlali bathole ukuqeqeshwa ngokuziphatha kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana.
“Ngaba nenhlanhla yokuthi kwiKaizer Chiefs basenzela lokho. Ngangivame ukuya kuzo zonke izifundo zakho, ngisho ngingamenywanga.
“Kwangisiza kakhulu mayelana nendlela yokuziphatha ezinkundleni zokuxhumana.
“Kwangisiza ngakwazi ukulawula imizwa yami. Phela ngingumuntu, futhi ngiyalimala lapho othile esho into embi ngami.
“Kodwa uma kukuningi kakhulu futhi kunzima ukuthi ukwamukele, vele uphume ezinkundleni zokuxhumana.
“Zinikeze ikhefu futhi ugxile kulokho okubeka isinkwa etafuleni lakho, okuyibhola lezinyawo.”
