
BUKA: UMngqithi ushaye isisoka egabha uKhune kwiYanga
Umqeqeshi omusha weYoung Africans, uManqoba Mngqithi ukhombise ubuhlakani nesisoka ‘agabha’ ingwazi yeKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune.
UKhune – osanda kuwabeka ethala amagilavu akhe – usenze izifundo zokucija onozinti kanti njengamanje ubengakaze asebenze ndawo njengomqeqeshi.
Njengamanje u-Itumeleng Khune ungomunye wabahlaziyi beNdebe yoMhlaba kwiSABC Sport la esebenzisana khona no-Manqoba Mngqithi phakathi kwabanye.
Ngemuva kokumenyezelwa kukaMnqgithi njengomqeqesi weYanga, ubuzwe nguThabiso Mosia ukuthi engemthathe yini uKhune amfake ethimbeni lakhe.
Ehleka, uMngqithi uthe: “Cha, lo uzohlale eyingwazi yeKaizer Chiefs. Ngicabanga ukuthi amadlozi awafuni ahlukane neKaizer Chiefs.”
Lokhu kubonakalise ukukhula kwalo mqeqeshi ngokuthi engalokhu ezama ukuchaza, kodwa avele amgabhe ngendlela enenhlonipho.
Njengoba u-Manqoba Mngqithi emgabhile u-Itumeleng Khune, sekubhekwe ukuthi ngobani azobafaka ethimbeni lakhe azoya nalo eTanzania.
- FUNDA NALA | UNwabali ubuyele kwiChippa
Kubhekwe ukuthi phakathi kwabo kube khona uYardaan Valodia ongumhlaziyi wokusebenza kweqembu.
UValodia ubesebenza noMgqithi kwiGolden Arrows kanti ukushiya kwakhe kuvele kwabezindaba ngeSonto emini. Buka ividiyo ngezansi:
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
