
UPule uveza umuzwa omuhle awuthole kwabeChiefs
Ingwazi yeKaizer Chiefs, uJabu “Pule” Mahlangu, useveze isikhathi asichithe nabadlali basesiswini baleli qembu esimbuyisele ithemba ngeqembu.
UJabu Mahlangu, owayeyintandokazi yabalandeli ngesikhathi sakhe kwiKaizer Chiefs, uthe ukhulume nalaba badlali ababili ngaphambi kokunqoba kwabo emdlalweni weNedbank Cup behlula iMamelodi Sundowns.
IKaizer Chiefs imangaze amaningi abebeyingabaza inqoba ngo 2-1 emdlalweni obuseLoftus Stadium ngeSonto.
Lokhu kuyibekisele indawo kowamanqamu okokuqala kusukela ngo-2019 la yashaywa khona yiTS Galaxy.
Amagoli omgadli osemncane uWandile Duba no-Ashley Du Preez yiwo aguqise iSundonws ebihambe phambili ngegoli likaTeboho Mokoena.
Ekhuluma kwiSoccerZone yeSABC Sport, uJabu Mahlangu uncome abadlali beKaizer Chiefs ngokulwa kwabo kulo mdlalo wangeSonto.
Ube eseveza ingxoxo abenayo nabadlali ababili basesiswini uThabo Cele noSibongiseni Mthethwa ngaphambi kwalo mdlalo.
“Ngibe nenhlanhla yokuba noThabo Cele noSibongiseni Mthethwa ngoLwesibili.
“Bengishuthela okuthile neqembu,” kusho uMahlangu kulolu hlelo ngoMsombuluko.
“Laba bafana bathi kimi, ‘Uyazi bhut’omdala, kulo mdlalo weSundowns, sizolwa. Sizolwa nakho konke esinakho’.”
UMahlangu uhlabeke umxhwele ngendlela lowo moya obonakale ngayo enkundleni njengoba Amakhosi engaphelanga moya noma eselandela ngemuva.
“Ukuze ububone ubufakazi balokho kuzimisela, ngenkathi uDuba eshaya igoli, ugijime wayolanda ibhola enethini futhi wamemeza wathu, ‘Masihambe siyofuna elinye!’
“Lokho nje kukodwa kukhombise ukuthi iChiefs ibizimisele kangakanani,” kwengeza le nkakha esingumhlaziyi.
Kube wumphumela omkhulu ngempela kuMakhosi lena, kanti manje asezobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngoMeyi 10.
Lo mdlalo wamanqamu ozoqatha baseSoweto uthembisa ukuba sezingeni eliphezulu njengoba womabili lamaqembu ebheke ukuvala isizini ngendebe.
