EzintshaKaizer Chiefs

UZwane uvula isifuba ngezinkinga abhekana nazo kwiChiefs

Ngu-Alfred NGUBANE

U-Arthur Zwane wehliswa esikhundleni sokuqeqesha kwiKaizer Chiefs ngemuva kwesizini eyodwa ephethe.

Wabe esebuyiselwa ezinhlakeni zokuthuthuka amakhono kwaze kwabe kwafika AmaZulu azomlanda. 

UZwane nozakwabo ongumqeqeshi weGolden Arrows uManqoba Mngqithi nabadlali abathile bebeyingxenye yohlelo lweCarling Black Label oluzibwa nge#NOEXCUSE

Uhlelo beluseMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ntambama, kanti iLisenethini ithole ithuba lokuxoxisana noZwane noMngqithi. 

UZwane uchaze kabanzi ngengcindezi enkulu ayebhekene nayo yabalandeli ngesikhathi engumqeqeshi waMakhosi. 

“Ngaleso sikhathi ngangilwa nomhlaba wonke, futhi kwakunzima ngisho nokuphuma endlini.

“Lokhu kungenxa yokuthi abalandeli beKaizer Chiefs babethukuthela kakhulu uma singenzanga kahle,” kusho u-Arthur Zwane.

Njengoba iChiefs ifuna umqeqeshi, igama likaMngqithi selike lavela kwawalabo ababonakala bengajika izinto kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

Ukhulume ngokukhululekile wathi uma enganikezwa ithuba unohlelo olucacile lokuthi yini edingekayo ukulungisa izinto kuleli qembu laseNaturena.