EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ‘uchoma’ ngabemfonela efuna ukumnika umsebenzi

Izindaba zokuthi uNasreddine Nabi ihlezi ngesinqe esisodwa kwiKaizer Chiefs zivele ngeSonto elidlule, kungakapheli sikhathi esitheni enqobe iNedbank Cup.

Ukuvela kwazo kudunge injabulo ebisadla ubhedu kuleli qembu laseNaturena kulandela ukugingqa kwalo i-Orlando Pirates kowamanqamu. 

Isonto lonke bekukhulunya kakhulu ngekusasa likaNabi kunokunqoba kweqembu.

Nokuthi abaphathi – ikakhulukazi uKaizer Motaung Jr. noJessica Motaung – abazange baphumele obala ngalamahlebezi kushiye imibuzo.

Laba bobabili babe nethuba lokukhuluma ngalokhu njengoba bebehambela iziteshi zemisakazo ezehlukene.

Kodwa abakushilo wukuthi kuzohlalwa phansi kucutshungulwe ngokusebenza kukaNabi ekupheleni kwesizini. 

Lokhu kuveza ukuthi nebala kukhona ukungeneliseki okukhona kubaphathi ngalo mqeqeshi odabuka eTunisia. 

Lena bekuyisizini kaNasreddine Nabi yokuqala kwiKaizer Chiefs, kanti kuthiwa akakufezanga abebekelwe khona. 

Yize kunalamahlebezi, kuvele ukuthi uNabi ngeke awuswele omunye umsebenzi uma Amakhosi enquma ukumkhomba isango eNaturena. 

Naye ukuqinisekisile ukuthi akhona amaqembu aseqalile ukumbuza ngesimo sakhe.

Ukuveze lokhu ekhuluma ngemuva kokubambana neSekhukhune United emdlalweni weBeytway Premiership ngoMgqibelo. 

Ukhale ngokuthi lamahlebezi abhalwe ngaye aphazamise iqembu lakhe, wathi akhombisa nokungahloniphani.

“Lento ebhalwe ngami iphuma ezintathelini futhi ikhomba ukungahloniphani,” kusho uNabi. 

“Kungani kumele njalo behlezi bethi uNabi uyahamba? Ngoba yini? Akulungile lokho.

“Ngiyanihlonipha nonke nina zintatheli futhi nani nonke niyizintatheli kumele ningihloniphe ngoba lezi zindaba zimbi kimina, zidala ukudideka eqenjini lami.

“Futhi lokhu akulungile, akukhombisi ukuhlonipha umsebenzi. Kuyizindaba ezingalungile.”

Uthe ngenxa yalamahlebezi, uzithole esexinwa ngezingcingo kunamaqembu afuna ukuzwa ukuthi uyatholakala yini ukuzowasiza. 

“Bengithola izingcingo ezivela kwi-Afrika yonke ngoba kucatshangwa ukuthi sengikhululekile ngoba sengishiyile kwiKaizer Chiefs.

“Ngicela nibe nokusebenza okuhlonipha umsebenzi wenu nowami futhi ngalokho angiqondisile kothile, kodwa kini ninonke.”