
UMandla Ncikazi uphawula ngekusasa lakhe kwi-Orlando Pirates
Ukuhamba kukaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates sekuqubule imibuzo yokuthi ngabe uMandla Ncikazi anganikezwa yini umsebenzi wokucija leli qembu ngokugcwele.
UMandla Ncikazi nguye oqeqesha i-Orlando Pirates okwesikhashana kuze kuphele le sizini.
Yize amanye amaqembu eseyiqedile imidlalo yawo kwiBetway Premiership, iPirates isasele nomdlalo owodwa.
UNcikazi usebenze njengephini likaRiveiro kule minyaka emithathu edlule.
Ubengumqeqeshi ngokubambisana noFadlu Davids ngaphambi kwalokho.
Inkontileka yakhe yokuqala iphele ngonyaka odlule wabe eselulelwa ngeminye iminyaka emibili okusho ukuthi usasele nomunye unyaka.
I-Orlando Pirates izoqoka umqeqeshi omusha ngesizini ezayo, kanti uMandla Ncikazi angase akhushulelwe esikhundleni sokuba ngumqeqeshi oyinhloko.
Kungenzeka nokuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe wokuba yiphini okanye adedelwe ukuze umqeqeshi omusha ukuthi afike nethimba lakhe.
Lokhu kungenzelwa ukuthi afike nemibono emisha nezindlela ezintsha zokwenza izinto.
UNcikazi ukuqinisekisile ukuzinikela kwakhe, wathi uzoqhubeka nokuba yinceku enhle eqenjini kuze kube utshelwa okunye.
“Mina ngidaleke ngendlela ehlukile. Ngisebenzela iPirates, uma ngikhona kuhle lokho futhi iyiqembu elihle.
“Noma ngingekho izoqhubeka ibe yiqembu elihle,” kusho uNcikazi.
Ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokubambana ngo 1-1 naMaZulu FC eThekwini ngoMgqibelo.
“Ngiyaziqhenya ngegalelo lami ekilabhini futhi ngisathakaselwa yiqembu.
“Inqobo nje uma kusenjalo, ngizohlala ngiyinceku yale kilabhu kuze kube yilapho ngitshelwa okunye.”
Uma ebheka emuva kule sizini, uMandla Ncikazi uveze ukwaneliseka ngokukhula kwe-Orlando Pirates nokulwa kuyo yonke imiqhudelwano eyidlalile.
“Mina ngiyingxenyana nje encane esithombeni esikhulu… Konke okwenziwayo akukho ngami, kungezinhlelo zeqembu,” kwengeza uNcikazi.
“Uma ukwiPirates, usuke uyisithunywa. Kufanele ufeze umsebenzi owuthunyiwe.
“Kodwa ukukhula kweqembu kuncike ekutheni ukubuka kanjani. Mina ngibheka uhlangothi oluhle.
“Ukukhula okukhulunywe ngakho, ukuncishiswa kwegebe (phakathi kwePirates neMamelodi Sundowns), amarekhodi aphuliwe, abadlali abasebancane abafakwe eqenjini – konke kuhle.
“Yebo, sihlulekile kwezinye izinjongo ebesifisa ukuzifeza, kodwa umuntu angafunda kuphela kulokho ukuze sizithuthukise ngesizini elandelayo.”
