EzintshaOrlando Pirates

OweTS Galaxy ukhale ngephenathi, kwaphela amazwi eseyibona

I-TS Galaxy ithole induku ka 2-0 kulo mdlalo weBetway Premiership obuse-Orlando Stadium yize esale engenelisekile lo mqeqeshi. 

IPirates ibekelwe iphenathi ngomzuzu ka-20 kulandela ukuthi uMlungisi Mbunjana edudule uMasindi Nemtajela bengaphakathi ebhokisini.

U-Evidence Makgopa ube eseshaya igoli. Elesibili lishaywe uTshegofatso Mabasa esiwombeni sesibili.

“Mhlawumbe umuntu okumele akusho nge-Orlando Pirates wukuthi bayikilabhu enhle, enabadlali abahle… 

“Sihluliwe kulo mdlalo kodwa esingakusho kungaqala futhi kuphele ngephenathi – yilokho nje,” kusho lo mqeqeshi. 

“Kunzima ukubavimba. Kodwa yiphenathi ebe yinkinga. Uyibonile. Mhlawumbe ubemvimba nje futhi akukho okubi kulokho.

“Ukwenze ebhokisini wabe esenquma – hhayi unompempe kodwa umsizi wakhe ukuthi yiphenathi. Uyena othathe lesi sinqumo.

“Kodwa ke akukho okubi engingakusho nge-Orlando Pirates, idlale kahle. Beyinomdlandla nesifiso esikhulu kunathi sokunqoba lo mdlalo.

“Ngisho esiwombeni sesibili sizamile ukubuyela emdlalweni kodwa bekunzima ngoba i-Orlando Pirates ibinabadlali abaningi kakhulu abahle.

“Beyikwazi ukuligcina kahle ibhola. Bengivele ngishilo nangaphambi komdlalo ukuthi uma ufuna ukuvimba lokho, kumele okungenani kumele silishaye kuqala igoli.

“Lokho bekungasisiza ukuthi okungenani siphume noma nephuzu elilodwa kulo mdlalo,” kuqhuba yena.

“Kodwa ke asinayo isikhathi sokukhala noma ukukhalaza, kumele siqhubekele phambili, silungiselel umdlalo olandelayo.” 

Ube eseboniswa lesi sigameko la iPirates ibekelwe khona iphenathi, kwacaca ukuthi uyabona ukuthi beyifanele kodwa ngeke esavuma.

“Ya… Kodwa umdlalo usuvele usuphelile, ngeke sisakhala ngoba vele akusasizi. Kube nalephenathi, sangenelwa yigoli. Kuphelela lapho. Sesibheke phambili. Siyibongele i-Orlando Pirates.”