AmaZuluEzintsha

Usuthu lugolozile, lwathi i-Arrows ayiluthenge yona uphuthu 

‘Ukuthunywa uphuthu’ yigama lasezinkundleni zokuxhumana elisetshenziswa uma wehlule imbangi, uthi uyithume uphuthu.

I-Arrows iqale isizini izenzela nje emaqenjini, ikakhulukazi uma isekhaya, yaze yaqala ukusebenzisa leli temu lophuthu ngoba ichoma. 

Kodwa muva nje izinto ziyijikele futhi izinduku ziyidida ukufa njengoba emidlalweni emine edlule kuyiyo ethumeka uphuthu. 

Iphinde yazithola yenza njalo nangoLwesibili ebusuku, igolozelwa omkhaya bayo AmaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership.

Lo mdlalo bewuseKing Zwelithini Stadium kanti uphele ngo 1-0 kunqoba Usuthu okuyilo obeluyizivakashi kulo mdlalo. 

Bekungumdlalo wokugcina kulo nyaka kuwo womabili lamaqembu njengoba ngemuva kwawo ezoya ekhefini le-Africa Cup of Nations. 

Igoli eliweze AmaZulu lishaywe ngukaputeni wawo, uRiaan Hanamub ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili. 

I-Arrows ihlulwe nayiphenathi njengoba ibekelwe yona ngomzuzu ka-48 kodwa uSede Dion wayishweba, ibhola kakhe lishayisa ipali.

Yize ipqaquzile i-Arrows izama ukubuya kulo mdlalo, kodwa ifice u-Olwethu Mzimela – ongene ethatha indawo kaDarren Johnson obelimele – engezwa mshini. 

Ngalo mphumela AmaZulu anyukele endaweni yesithathu, edudulela iSekhukhune United kweyesine, neKaizer Chiefs kweyesihlanu. 

Abafana Bes’thende bona behlele endaweni yeshumi. Nokho ikhefu elengeziwe kufanele ukuba uzolijabulela umqeqeshi uManqoba Mngqithi. 

Lizomnikeza ithuba elanele lokukhumbuza abadlali bakhe ukuthi zithunywa kanjani izimbangi uphuthu.