Ezintsha

OwaseKapa uyahoxa kowokuhola iSafa, usekela uSandile Zungu

Kuvunguza umoya woshintsho kwipolitiki yebhola eNingizimu Afrika njengoba u-Sandile Zungu engase aqokelwe ukuphatha i-Safa.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uBennett Bailey ememezele ngokusemthethweni ukuhoxa kwakhe emjahweni wokuba ngumengameli oalndelayo weSouth African Football Association (Safa). 

Ngaphezu kwalokho, uBailey ube esememezela ukuthi uzokweseka usomabhizinisi ongumphathi waMaZulu FC, uSandile Zungu ukuba kube nguye ohola iSafa.

Esitatimendeni sabezindaba esikhishwe yiSafa Cape Town, uBailey ucacise isizathu esimenze athathe lesi sinqumo esizonyakazisa abalandeli nabaphathi bebhola.

“Ibhola laseNingizimu Afrika lizothola usizo olungcono kakhulu uma kukhona umnyakazo omunye nobumbene obheke ekuvuseleleni inhlangano…

“Kunokuba kube nabantu abahlukene abanombono owodwa abaphishikela isikhunla esisodwa,” kusho uBailey. “Isikhathi soshintsho sesifikile.”

Lawa mazwi kaBailey akhombisa ukuthi izinhlelo zokukhipha abaphathi bamanje beSafa ziyahlangana.

U-Sandile Zungu sekunesikhathi eside asiveza isifiso sakhe sokuhola i-Safa kanti kulindeleke angenele ukhetho ngoSepthemba.

Nokho kuzoba nzima ukusunduza uDanny Jordaan oseqhoqhobale lesi sikhundla kusukela ngo-2013.

Ingabe lokhu kuhoxa kukaBailey kuzokwanela ukugudluza labo abaphethe isikhundla njengamanje? 

Okuqinisekile ukuthi impi yesihlalo sobukhosi se-Safa izoshuba kakhulu, futhi amehlo onke manje asebheke ku-Sandile Zungu nomnyakazo wakhe wokuvuselela ibhola.